UHLABEKE UMXHWELE UMQEQESHI WEBAFANA BAFANA

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

USTUART Baxter ongumqeqeshi webafana Bafana uncome ubuholi bukasiyanda “Magazi” Xulu lesi sikwati sibhudluza ibotswana ngo3-0 kwicosafa Cup Plate Final ngolwesihlanu kusihlwa epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

Amagoli enqobe ngawo ibafana abhakuziswe enethini ngumodjeka Madisha ngomzuzu ka-38, u-aubrey Modiba ngoka-78 nolebohang Maboe ngoka-88.

Ubaxter ngemuva komdlalo uncome abadlali bakhe ngendlela abadlale ngayo lo mdlalo, ikakhulukazi ubuholi bukaxulu owenze umsebenzi oncomekayo ephunga izitha.

Uthi lo mdlali odabuka Kwamashu, ukhombise ukulambela elinye ithuba eqenjini lesizwe.

Uthi akuyena yedwa kodwa bakhona nabanye abamhlabe umxhwele. Uncome noreyaad Pieterse ongunozinti webafana ngokuba nomqhudelwano omuhle okwenze kwaba nzima ukunika ubruce Bvuma.

“Ngikholwa wukuthi lihle ikusasa lebafana ngendlela abadlali abadlale ngayo kulo mqhudelwano, ekubeni iningi labo beliqala ukugqoka ijezi leqembu lesizwe. Kuningi abadlali bethu abakuzuzile kule midlalo.

"Isipiliyoni abasitholile siyamangalisa. Inhloso enkulu wukuveza ikhono ngapha-ndle kwengcindezi. Nakuba siwuqale kabi lo mqhudelwano siguqiswa yimadagascar kodwa abadlali bakwazile ukuvuka bazithathe. Ngijabule kakhulu ngendlela esikhombise ngayo ukuvuthwa,” kusho ubaxter.

Le nkulumo ibuye yenanelwa ngumodiba othe ujabule kakhulu ngendlela abawunqobe ngayo umdlalo. Uthi okuhle wukuthi badlale ngokwemiyalelo kabaxter. Uqokwe njengomdlali wosuku.

Kuzo ezecosafa Cup, ilesotho inqobe imadagascar ngo-1-0 kubangwa indawo yesithathu ngolwesihlanu epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

Kulindeleke ukuba ibanyana Banyana izidlele amahlanga kwilesotho emdlalweni womlenze wesibili wokuhlungela ukungena kwicaf Women’s Nations Cup namuhla ngesonto ngo-15h00 edr Petrus Molemela Stadium, ebloemfontein. Emlenzeni wokuqala ibanyana, ecijwa ngudesiree Ellis, inqobe ngo-1-0 ekuhambeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.