I-USA ibambe i-afrika ngobhongwane ngeyefifa 2026

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - PHILANI NCALANE

an Football Association.

Uthe bathathe lesi sinqumo ngemuva kokuhlangana nogeorge Weah ongumengameli waseliberia.

Kuthiwa uweah naye ubanjwe ngobhongwane YI-USA njengoba indodana yakhe, utimothy idlalela iqembu lesizwe lase-usa.

Emdlalweni wokuqala katimothy kwi-usa, uvalele igoli benqoba ibolivia ngo-3-0 kowobungani.

Lo mdlali ukhethe ukudlalela I-USA kunezwe likayise naye obengumdlali odumile emhlabeni. Uhlelo lokuvotelwa kwamazwe luzosingathwa ngolwesithathu oluzayo.

Nakuba ifederation of International Football Association (Fifa) ingakufuni ukungenelela kohulu- meni ezindabeni zikanobhutshuzwayo, kodwa kubukeka I-USA izophunyula kalula ekumpintsheleni ekhoneni amazwe akhangeza kuyona ukuwaphoqa ukuba avote nayo kwazise iyizwe elinamandla amakhulu kwezomnotho emhlabeni jikelele.

Leli lizwe ligcine ukusingatha le midlalo ngo-1994 inqotshwa yibrazil ngokuhlula i-italy ngo-3-2 sekukhahlelwa amaphenathi.

Kulo mqhudelwano wango-1994 kwavelela uromario wasebrazil. I-USA kayikaze iyinqobe imidlalo yomhlaba njengoba ilale isithathu ngo-1930 okuyiwona mphumela omuhle kakhulu egcine ukuwuthola kulo mqhudelwano omkhulukazi emhlabeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.