KUNYUKELE KWI-NFD IKILABHU YASEGAUTENG NEYASEMPUMALANGA

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

IMACCABI FC yasegauteng inqobe imidlalo yesouth African Football Association (Safa) ABC Motsepe League National PlayOffs iguqisa ITS Sporting yaseMpumalanga ngo-5-4 wamaphenathi emdlalweni wamanqamu obuyizolo ngomgqibelo emini epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

Lo mdlalo ubuphele zibambene ngo-1-1 okwenze kwakhahlelwa amaphenathi. Imaccabi FC ihlomule ngo-r1 million kwathi isporting yagoduka nor500 000 ngokuba yisibili kule midlalo.

La makilabhu kawazuzanga imali nje kuphela kodwa abuye athola ilungelo lokunyukela esigabeni senational First Division (NFD) ngesizini ezayo.

Umvoti FC obumele ikwazulu-natal kule midlalo uhambe ekamabuyaze njengoba uwashiswe ijezi ekuseni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.