Liyangena icala elingun dabuzekwayo

Kuyocutshungulwa isicelo sebheyili

Ilanga langeSonto - - Izindaba - KNOWLEDGE SIMELANE

LIYANGENA enkantolo yemantshi yesifunda ethekwini ngolwesibili, icala elingundabuzekwayo elethweswe uthabani Mzolo, lokubulawa kwesitshudeni sasemangosuthu University of Technology (MUT) usthembile Khumalo, waseShowe.

Kulindeleke ukuba kuqhubeke ukucutshungulwa kwesicelo sakhe sokuba akhishwe ngebheyili.

Oyiphini likangqongqoshe wezamaphoyisa kuleli, umnu Bongani Mkongi, wethembise ngokwedlule ukuthi uzobe ekhona ngoLwesibili, azozizwela ukuthi inkantolo iyamnika yini umzolo ibheyili.

Ukusho akangahloniza ukuthi ngokwakhe ubona ingamfanele ibheyili uthabani Mzolo emuva kokukhombisa indelelo enkantolo, ekhombisa izintatheli umunwe ophakathi nendawo, waphinde waba nokwedelela umyalelo wemantshi umnu Mohamed Patel, owayemcele ukuba angaphumi enkantolo yena engakaphumi kepha wangakugqizaqakala lokho.

Omele izitshudeni kule nyuvesi, usandile Dlamini, wakhuluma emngcwabeni kasthembile Zolile Khumalo, wathi bazokwenza konke okusemandleni ukuhamba leli cala baphikisane nokuba umzolo athole ibheyili.

Kuke kwaba nobuhixihixi mayelana namakheli anikezwa nguMzolo lapho engatholakala khona uma enikezwa ibheyili.

Okuphawulekayo njalo uma engena enkantolo umzolo wukuthi usuke engazi nanyaka, kuba sengathi usekhakonina uzenzela umathanda.

Evela okokuqala enkantolo wayenyewuka, kwathi ngesikhathi ehla emgodini esephuma enkantolo wasebenzisa umunwe ongumkhothi sakudubula ebhekise kubangani bakasthembile ababesenkantolo. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

ISITHOMBE NGU: KNOWLEGDE SIMELANE

SIZOCUTSHUNGULWA ngolwesibili, enkantolo yemantshi yesifunda ethekwini, isicelo sikathabani Mzolo obhekene necala lokubulala usthembile Zolile Khumalo emangosuthu University of Technology (MUT).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.