AVULE KABI AWASE-AFRIKA KWI-WORLD CUP

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

ABINGELELWE ngenduku amazwe ase-afrika kwindebe yomhlaba eqhubeka erussia.

Imorocco iphoxe ekugcineni ivalela igoli ekhaya ihlulwa yiIran ngo-1-0 ngolwesihlanu, kanti ne-egypt ihlulwe yi-uruguay ngomphumela ofanayo.

Inigeria ibidlala izolo ngomgqibelo ebusuku ngo-21h00 necroatia. Isenegal izobhekana nepoland ngolwesibili ngo-17h00 isingaphansi kwengcindezi njengoba ozakwabo beshaye into ephansi.

Amathuba okudlulela phambili kwe-egypt amfiliba njengoba iqhathwe nerussia ngolwesibili ngo-20h00. Irussia engosokhaya, iwuvule kahle lo mqhudelwano inenebula isaudi Arabia ngo-5-0 ngolwesine.

Ibukeka ivuthwa indlela ebuyayo emaqenjini ase-afrika njengoba imorocco izodudulana neportugal ngolwesithathu ngo14h00.

Iportugal ikhombisile ukuthi kayizile ukuzosinisa amahleza kulo mqhudelwano ibambana nespain ngo-3-3 ngolwesihlanu ebusuku. Ucristiano “CR 7” ongukaputeni weportugal, ukhombise ubungqwele kulo mdlalo evalela amagoli amathathu.

Itunisia nayo kulindeleke ukuthi izibambe ziqine njengoba iqhathwe ne-england kowokuvula kagroup G kusasa ngomsombuluko ngo-20h00.

Ukuhlulwa kwetunisia kungayidonsela amanzi ngomsele njengoba emdlalweni olandelayo iqhathwe nebelgium. Lo mdlalo uzokuba ngomgqibelo ngo-14h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.