UBHUNTSHELE UNYAKA OZAYO OWE-JAZZ

Ilanga langeSonto - - Izindaba - SANDILE MAKHOBA

UBHUNTSHILE umcimbi we- jazz oba sethekwini ngemuva komcimbi ivodacom Durban July (VDJ) eba sethekwini.

Lo mcimbi obekuzobe kungokwesibili wenzeka, ubizwa ngeJazz in July.

Uhlelwa yindodakazi kamdu Ngcobo wodumo lwetouch Africa, uwanita Ngcobo. Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe nguwanita, sithi bayaxolisa kakhulu ngokukhansela lo mcimbi, bekuyisifiso sabo ukuba ube khona kodwa akwenzekanga, usuzobuya ngegiya eliphezulu ngonyaka ozayo.

Ethintwa YILANGA Langesonto uthe inkinga kube wukuthola indawo abazowenzela kuyona lo mcimbi.

“Okwenze ukuba sibe nenkinga kakhulu wukuthi kukhona ebesithembisene nabo ukuthi sizohla- nganisa izindleko sonke sisebenzise igreyville, owabo umcimbi ubuzoba ngosuku lwevdj, owethu ube ngesonto.

"Okusishaqise kakhulu wukuthi ngesonto eledlule basithumelele incwadi esitshela ukuthi ngeke sisakwazi ukusebenzisana ngoba umthetho wasegreyville awubavumeli,” kusho uwanita.

Uthi basuke lapho batatazela befuna izindawo kodwa bathola ukuthi zonke azisatholakali. Ngonyaka owedlule lo mcimbi ubuwenzelwe ebotanic Gardens. Ngaleso sikhathi wawenzeka okokuqala kodwa usuzokwenzeka minyaka yonke.

Izinga lawo laliphezulu kakhulu kanti nesasasa laliphezulu kakhulu kubantu ababehambele IVDJ. Abahleli balo mcimbi bathembisa ukubuya ngegiya eliphezulu ngonyaka ozayo.

makhoba@ilanganews.co.za

ISITHOMBE NGU: INSTAGRAM

UWANITA Ngcobo ongumhleli womcimbi ijazz in July obhuntshile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.