ISIKHALILE INSIMBI YESIKOLE EMAWELENI

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

KUBUKEKA kuseyiphupho labathile elingasoze lafezeka ukufa kwe- kwaito njengoba lolu hlobo lo mculo luthwaliswe kanzima yigqom ne- hip hop.

Baningi abaculi abaphumele obala phambilini, ikakhulukazi labo abebedume ngeminyaka yawo-90s kuya ku-2000 bethi i- kwaito iwumgogodla womculo wanamuhla ngakho-ke ngeke ishabalale njengoba bekubukeka kanjalo.

Muva nje kuneqembu elizalwe kabusha, elishaya lolu hlobo lo mculo elibizwa nge-afromotion elakhiwe ngamawele asenkandla enkomisa, ulinda nolindani Madlala (37) kodwa abazinze emariannhill entshonalanga yetheku.

Ingoma yabo yakamuva ethi, “Insimbi Yesikole” bathi yiyo abazogadla ngayo nxa zonke njengoba benethemba lempumelelo nakuba sekuyiminya kanyaka begqushalaza. Bathi abanethemba lokuthi kuzobenza bagqame wukuthi bayazimisela uma bebhala ingoma ukuze yenze umqondo, kungabi yilokhu okujwayelekile ezingomeni zokujuxuza.

“Kulena nje ethi, “Insimbi Yesikole” siqonde ukuthi konke kunesikhathi sakho, njengamanje yisikhathi sethu, isikhalile insimbi.

“Empilweni nje yomuntu iyakhala insimbi yesikole nokusuke kusho ukuthi isikhathi sakhe sesifikile. Kasithandi ukubhala izingoma ngomqondo osobala,” kusho elinye la mawele ulindani.

Umkhiqizo wabo oqanjwe ngale ngoma unezingoma ezintathu kanti usuyatholakala ezitolo ezidayisa umculo kwi- internet.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NANKA amawele asenkandla ensimbi Yesikole

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.