Kuboshelwe izinkakha zamahlaya ethe Wavehouse

Kuthiwa abantu mabafike bedle ukotini

Ilanga langeSonto - - Ezikaqedisizungu - LWAZY MBUTHO

KUZOQOQANA osomahlaya asebemnkan tshubomvu emcimbini wamahlaya owandulela ivodacom Durban July, obizwa ngokuthi yidurban July Comedy.

Lo mcimbi wamahlaya uzoba sethe Wavehouse egateway, ethekwini ngolwesine lomhlaka 05 July ngehora lesikhombisa kusihlwa.

Uhlelwe ngusomahlaya osezenzele igama endimeni yamahlaya, usimphiwe Shembe, kanti usubuya ihlandla lesibili kulo nyaka.

Kulo mcimbi kulindeleke ukuba izinga libe phezulu kakhulu njengoba kuboshelwe nezingwazi zosomahlaya nosaziwayo abaqhamuka kwezinye izifundazwe.

Usimphiwe uyaziwa kakhulu njengoba isiminingi imicimbi yamahlaya aseyihlelile.

Uthembise abathandi bamahlaya ukuthi bazohleka kube buhlungu izisu njengoba bezohlekiswa ngosomahlaya abasezingeni eliphezulu abazophinde basebenzise cishe izilimi ezinhlanu zaseningizimu Afrika.

Usimphiwe uthi abantu mabathathe lo mcimbi njengowo kwendlalela ivodacom Durban July njengoba kulindeleke ukuba bafike kuwona bedle ukotini.

Phakathi kosomahlaya abazonandisa kulo mcimbi kubalwa uflymotion ophinde abe ngumsakazi wegagasi FM, uthenjiwe, odume kakhulu ngamahlaya awenza ezinkundleni zokuxhumana, umpho Popps, odume kakhulu ngokwenza izikhangiso zikamabonakude, ujustice Kubheka kanti UDJ Wonder uzobe enandisa ngomculo.

Amathikithi aseyatholakala ecomputicket ngor150 kanti kwabawathenga ngosuku lomcimbi emnyango bazowathola ngoR170. ILANGA lingabaxhasi bomcimbi.

ISITHOMBE NGABE: ELLE.CO.ZA

UMPHO Popps ungomunye wabazobe behlekisa kowamahlaya ethe Wavehouse, egateway, ngolwesine.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.