Igagasi nabaxhasi abasha kwivdj

Akumititilizo kuyafiwa

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA

SELITHOLE isigansonso somxhasi igagasi FM emcimbini walo oba kwivodacom Durban July (VDJ) nowenzeka okwesibili nonyaka, obizwa ngered Star Experience njengoba seligabe ngabakwavodacom.

Ngalobu budlelwano abalaleli balo msakazo bazodla kahle ngemiklomelo enhlobonhlobo ngaphambi komcimbi ozoba mhlaka 7 egreyville Racecourse nangosuku lo mcimbi.

Abageze ngentelezi enhle nenamandla basethubeni lokuhlomula nangohambo olukhokhelwe zonke izindleko zempelasonto yezimanga ethekwini.

Lo mhlomulo ngowohambo lwendiza kophuma ngaphandle kweTheku, indawo yokulala izinsuku ezimbili ehhotela okuhambisana nokudla nezikhala kahle, umcimbi wamahlaya, i- pre-party ngokunjalo namathikithi omntakabani okungena kwired Star Experience kwivdj kuze kuyogoqwa kushisanyama ophambili ngesonto mhlaka-8.

Konke lokhu kusagodlwe njenge- suprise kwabazoba nenhlanhla.

Esitatimendeni umnu Abey Mokgwatsane, oyimanaging Executive kwavodacom, uthi kabangabazi ukuthi lobu budlelwano babo buzozuzisa abathengi babo futhi bayakuthokozela ukubambisana negagasi FM njengoba IVDJ inomlando onothile.

Lobu budlelwano kabuzukuphelela nje kwigagasi FM kodwa bazobambisana NEYFM egauteng neheart FM ewestern Cape.

Lo mncintiswano uvulelwe abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-25 abasuka kulezi zifundazwe ngokuthumela ISMS eqala ngokuthi Gagasi noma YFM noma Heart FM ku-31118 nabasayine izinkontileka ngohlelo lwenxt LVL kwavodacom ngaphambi komhlaka 22 kwephezulu.

Ngale kwalo mklomelo omkhulu, nabanye abasayine ngaphansi kohlelo olufanayo abayikhulu bazozitamuzela amathikithi ahamba ngamabili okuhambela lo mcimbi wamahhashi wodumo.

Uphinda Magwaza, oyinhloko yokukhangiswa kwegagasi FM, uthi lobu budlelwano buya kude kakhulu njengoba bona besebenza ngabantu abasha kanti nalolu hlelo lwenxt LVL lugxile kwabaneminyaka engaphansi kwama25.

Ukubambisana nezinye iziteshi kuzobanikeza amandla athe xaxa ukufinyelela kwezinye izingxenye zezwe.

Kubaculi abazonandisa kukhona idistruction Boyz, Dladla Mshunqisi, Tipcee, Unathi, Professor, OKMALUMKOOLKAT, Vusi Nova, Mondli Ngcobo, nabanye abangaphezu kweshumi.

Nabasakazi nodj balesi siteshi bazobe besina bededelana kulo mcimbi, amasango avulwa ngo-10 ekuseni. Amathikithi abiza ngokwehlukana kwalapho ufuna ukuhlala khona nokusuka ku-r400 kuze kufinyelele kur3 300.

ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA

UDLADLA Mshunqisi ungomunye wabazonadisa kwired Star Experience

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.