THANDI ZONDI ICONSISA AMATHE INKUKHU YESIZULU EPHEKWE EKHAYA

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

IZITHAKO

Inkukhu ephelele Izipuni ezimbili zamafutha U-anyanisi, uqotshwe ube mncane

U- green pepper, oqotshwe waba mncane Isipuni esisodwa se- rajah medium curry powder Ithisipuni ye- Robertsons Chicken Spice

INKOMISHI YAMANZI

Amazambane amabili, acwecwe enziwe izikwele Amaknorrox Chicken Stock Cube amabili

I- Robertsons Mixed Herbs

INDLELA YOKWENZA:

Beka inkukhu esitsheni esikhulu bese uthela amanzi abilayo.

Chutha inkukhu uqinisekise ukuthi kazibi khona izimpaphe ezisalayo.

Yisike ibe yizingcezu eziwu-8 Shisisa amafutha ebhodweni elikhulu uthose u-anyanisi nogreen pepper kuze kuthambe. Faka i- Rajah medium curry powder ne- chicken spice uku those kube imizuzu emibili ulokhu ugovuza ukuze kuphume iphunga elimnandi. Faka amanzi ne- chicken stock cube nenkukhu bese ubilisa. Yehlisa ukushisa uyeke kuziphekekele kube imizuzu engu45, bese ufaka amazambane nama-mixed herbs.

Yeka inyama ibile kwisobho kube imizuzu engu-15 noma kuze kube amazambane nenkukhu kuyathamba.

Kungadliwa ne- rice, ipapa noma ujeqe.

UMTHOMBO: ROBERTSONS

YIDLA ukudla okwehlukile kwasolwande.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.