I-ARGENTINA IYISITHIYO EMAPHUSHENI E-NIGERIA NGENDEBE YOMHLABA

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

UGEMBULE kwamlungela ugernot Rohr ongumqeqeshi wenigeria ejabulise i-afrika ihlula i-iceland ngo-2-0 wamagoli ka-ahmed Musa kowendebe yomhlaba ngoLwesihlanu ebusuku erussia.

Inigeria ibidinga amaphuzu aphelele kulo mdlalo njengoba ivule ngenduku eyithole kwicroatia kuba ngu-2-0 ngeledlule.

Urohr wenze izinguquko ezintathu kulo mdlalo ngethemba lokuthola umphumela ogculisayo. Ufake ukelechi Iheanacho nomusa phambili kwathi emuva wabophela ukenneth Omeruo.

Lo mqeqeshi ubeke ebhentshini izethenjwa okubalwa kuzona u-odion Ighalo no-alex Iwobi abangabagadli noshehu Abdullahi odlala emuva.

Inigeria inomthwalo wokuhlula i-argentina ukuzibekisela indawo emzuliswaneni olandelayo ka- last 16. Umdlalo wenigeria ne-argentina okungowokugcina wala mazwe esigabeni samaqoqo, uzokuba ngolwesibili ngo-20h00. I-argentina inephuzu elilodwa elithole idlala ngokulingana kuba ngu-1-1 ne-iceland kowokuvula.

I-argentina ingene ehlazweni inenebulwa yicroatia ngo-3-0 ngolwesine, okuwumphumela owenze aba mfiliba amathuba ayo okudlulela emzuliswaneni olandelayo. Bekubhekwe lukhulu kwiArgentina kwazise ihlulwe yigermany ngo-1-0 kowamanqamu wendebe yomhlaba ngo-2014 ebrazil. I-argentina inomthwalo wokubutha amaphuzu aphelele kwinigeria ukuzibekisela indawo kwilast 16. Nokho kubukeka emakhulu amathuba okuthi kudlule inigeria necroatia kwigroup D.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.