Iyavuthwa eyebuya likabaxter kwichiefs

Kuputshuka ezithi isafa izimisele ngokumkhulula kwibafana

Ilanga langeSonto - - Front Page - PHILANI NCALANE

IYAQINA imibiko yokuthi angase ashaye ibuya kwikaizer Chiefs ustuart Baxter ( osesithombeni) ongumqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli, ibafana Bafana, njengoba sekuputshuke ukuthi isouth African Football Association (Safa) engabaqashi balo mlolongi isikaza ukumdedela emuva kwemidlalo yendebe yomhlaba eqhubeka erussia.

Ubaxter uyamaniswa nesikhundla esishise usteve “Mphathi” Komphela ohluleke wancama ukuletha injabulo enaturena kumasizini amathathu ehlezi esihlalweni sokucija ichiefs.

Ukomphela ubengene ezicathulweni zikabaxter obeshiye le kilabhu eyinqobele IMTN8 ne-absa Premiership.

Ubaxter uma egcina ngokwethulwa kule kilabhu, uzojoyina indodana yakhe, ulee, eqashwe yizimpofana ngonhlolanja (February) nonyaka njengomqeqeshi wonozinti. Ukufika kukalee kwenze izinyawo zagcwala udaka ngokuphela kwesizini edlule kubrian “Spiderman” Baloyi obenza umsebenzi ofanayo.

Le kilabhu isanda kujabulisa abathandi bayo imemezela ukuthi isibambe ufish’ omkhulu isayinisa ukhama Billiat ogoloze ukuvuselela inkontileka kwimamelodi Sundowns.

Ilungu lesigungu esiphezulu sesafa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, litshele leli phephandaba ukuthi le nhlangano ingase ihlukane nobaxter ngokusongwa kwemidlalo yendebe yomhlaba eqhubeka erussia.

Kuthiwa ubaxter ubenikwe umbandela wokufaka ibafana kwindebe yomhlaba, okuyinto emhlule ingcaca.

“Indaba yokuqheliswa kukabaxter kwibafana ngike ngayizwa. Nokho-ke kasizange siyibhunge emhlanganweni osemthethweni wesafa. Ngike ngezwa kuthiwa uzoshenxiswa ngemuva kwendebe yomhlaba.

Anginalo-ke ulwazi lokuthi uzolibhekisa kuphi,” kusho lesi sikhulu.

Elinye ilungu lesigungu esiphezulu sesafa, nalo lithe kakukho elikwaziyo ngekusasa likabaxter. Nokho-ke litshele leli phephandaba ukuthi ngabe liphume nobomvu nxa eshiya.

“Ngicabanga ukuthi ubaxter uyazibonela naye ukuthi limnyama ikusasa kwibafana. Ngabe uzisiza yena nesafa ngokushiya. Ukuhlulwa yicape Verde kabili kuyicike kakhulu isafa.

"Phela ukuya kwethu erussia kushabalale sihlulwa yicape Verde. Ekuhambeni ukhale ngokuthi bekudlalwa enkundleni enotshani bokufakelwa yize kuyibafana evalele igoli kuqala. Mina ngingajabula kabi nxa ehamba,” kusho lesi sikhulu sesafa.

Ukulanda kwechiefs ulee, kwenze kwacaca ukuthi izimpofana zisezinhlelweni zokubuyisa lo mqeqeshi. Phambilini ulee ubenza umsebenzi ofanayo kwisuperSport United ebilolongwa nguyise ngaphambi kokuqashwa yisafa.

Ukumataniswa kukabaxter nechiefs kakuthusi ngoba ikukhonzile ukulanda abaqeqeshi abashiye benze kahle kuyona njengoba yenzile kuje f f Butler, uted Dumitru, umuhsin Ertugral ukukha nje phezulu kwabashaye ibuya kwezikakaizer Motaung.

Leli phephandaba lithinta uvina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, akayivumanga futhi akayiphikanga indaba kabaxter, uthe makulindwe umotaung okunguyena owengamele udaba lokuqashwa komqeqeshi omusha. Uthe nakanjani abalandeli bechiefs bazojabula ngesizini ezayo.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UKHAMA Billiat waseZimbabwe obegijima kwimamelodi Sundowns usejoyine ikaizer Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.