Uthinah Zungu ucacisa eyomjolo

Ilanga langeSonto - - Front Page - SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

UTHINA Zungu, ongumculi we- gospel, uphumele obala KWILANGA LangeSonto ngowesifazane osekusabalele ukuthi ujola naye phezu kokuba enengoduso.

Lesi sihlabani, esidume kakhulu ngezingoma ezivusela umphefumulo ezifana nethi, “Kwanqaba “Umusa”, “Ekugcineni”, “Thandiwe” nezinye, kusabalale izithombe zaso nowesifazane wasepitoli obekuthiwa ujola naye.

Lezi zindaba zishaqise abaningi abangabalandeli balesi sihlabani.

Uthina ube nenkulumo ekhe- thekile NELANGA Langesonto, wagonyuluka ngalo wesifazane obizwa ngeshende lakhe. Uvumile ukuthi uyamazi lona wesifazane futhi bake bajola naye.

Ecacisa uthe: “Ngo-2016 nganginezinkinga nengoduso yami, uzama, yilapho-ke engajola khona nalo sisi. Sazilungisa izinkinga noZama sabe sesivumelana nobuhle (lo wesifazane okuthiwa ujola naye) ukuba siyeke, kodwa asixabananga ngoba namanje sisakhuluma uma sihlangana lapho engisuke ngiyosebenza khona.”

Utshele leli phephanda ukuthi imphathe kabi indlela le nto evele ngayo ngoba manje usebukeka njengomuntu ongaziphethe kahle emndenini wakhe.

“Uvalo obelungishaya elokuthi ingoduso yami izothini ngokuphuma kwalezi zindaba. Ngenhlanhla ungamukelile, wasiqonda isimo ngoba uyazi ukuthi asisajoli nobuhle,” kuqhuba uthina.

Uthina uthi uyathembisa kubalandeli bakhe ukuthi usenguyena umntwana kankulunkulu.

“Ngicela imikhuleko kubantu ngaleli fu elimnyama elisihlasele mina nomndeni wami,” kuqhuba yena.

Phambilini ILANGA Langesonto labika ngezinsolo zokujola kwengoduso yakhe nowayesebenza ehhovisini lenkampani kasfiso Ncwane.

Uthina uthi lezi zithombe ezisabalele zashuthwa yile ntokazi okuthiwa ijola naye. Uqhube wathi akafisi nokuyiphenya indaba yokuthi ziputshuke kanjani, akafisi nokwazi ngoba leyo izomkhipha okholweni.

Ingoduso yakhe itshele leli phephandaba ukuthi ishaqekile ngesikhathi kuvela lezi zindaba.

“Uthina ngiyamazi, ngihlala naye, yonke into engiyibone ibhaliwe ingethusile. Kodwa sesikhulumile, ngizomeseka ngemikhuleko,” kusho ingoduso.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

UTHINA Zungu ecula kweminye yemicimbi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.