I-IDOLS ISINGENA KWELINYE IGIYA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - LUCKY CAIN

UNGENA kwelinye igiya namhlanje umncintiswano odonsa amehlo ezinkumbi zababukeli, i-idols SA, ekhonjiswa kwimzansi Magic 161 njalo ngesonto kusihlwa.

Namhlanje kuzobonakala abesilisa abangene kwitop 16 besina bededelana kanti ikwazulu-natal izobe imelwe ngumthokozisi Ngcobo wasemlazi.

Abesifazane bazobonakala ngeSonto elizayo lapho lesi sifundazwe sizobe simelwe ngunosipho Silinda nozamagambu Memela owaziwa ngelikaxae.

Omunye walaba abamele ikwaZulu-natal, unosipho, uzalwa ngudadewabo wesilomo somculi ucici (Busisiwe Thwala) osematheni kulezi zinsuku ngenxa yecala eliqhubekayo enkantolo elithinta yena nobeyisoka lakhe u-arthur Mafokate.

Kuzokhumbuleka ukuthi ucici naye uke wawungenela lo mncintiswano eminyakeni eyedlule kanti waphuma kwi-top 30.

Useqalile ucici ukucija nokweluleka unosipho ngalo mncintiswano.

Usana Thwala, ongunina kanosipho, exoxa NELANGA Langesonto ngonosipho udalule ukuthi ucici useqalile ukunika iziyalo le ntokazi ebonakala inethalente eliyisimanga kulo mncintiswano.

“Ucici nonosipho basondelene kakhulu kanti uma sebendawonye ngeke ubahlukanise, bayezwana kakhulu,” kusho usana.

Uqhube wathi bayaziqhenya kakhulu ngokudlulela kukanosipho kulesi sigaba.

“Sizomeseka kakhulu kanti siyethemba ukuthi nabantu bazolibona ikhono lakhe bamvotele,” kusho usana.

lucky.cain@ilanganews.co.za

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

UNOSIPHO Silinda okwitop 16 ye-idols SA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.