ESKHALENI:

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

KUBUKEKA sengathi busekude ukuphela ubuhlathi kusiviwe “Chippa” Mpengesi ongusihlalo wechippa United okuyikilabhu epheka ithulula kubaqeqeshi selokhu ikhushulelwe esigabeni esikhokhelayo.

Ngicabanga ukuthi akekho noyedwa umuntu ongahlabela abakubo okanye ongaguqa ngedolo abonge unkulunkulu ngokuthola umsebenzi kwichippa United ngoba ungaxoshwa uqeda kusayina inkontileka.

Le kilabhu yenze esidume ngakho ixosha udan Malesela obengumqeqeshi obesanda kukhuza ibuya kuyona. Baningi abaqeqeshi abaphendulwe nguMpengesi inhlekisa ebaxosha besanda kuqashwa.

Umanqoba Mngqithi uxoshwe cishe esapakisha izimpahla endlini abehlala kuyona ekubeni noroger Sikhakhane ebephendulwa ngumpengesi umata wokusulela udaka njengoba ebemlanda atakule le kilabhu kuthi angahlulwa imidlalo embalwa amlaxaze.

Umpengesi cishe muhle emse-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.