UBENNI UBUYISE IZINDUKU KU-PITSO MOSIMANE

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UBUYISE izinduku kupitso Mosimane ongumqeqeshi wemamelodi Sundowns ubenni Mccarthy ocija icape Town City ezakhe zinqoba leli qembu ngo-1-0 emlenzeni wokuqala we- semi final YEMTN8 izolo ngomgqibelo ntambama ecape Town Stadium.

Igoli okunqobe ngalo icity libekwe enethini ngutaariq Fielies ngomzuzu ka-75.

Umccarthy uye kulo mdlalo inhliziyo insonsotha kwazise selokhu eqashwe yicity ngesizini eyedlule ubengakaze ayehlule idowns.

Bese imushaye imidlalo emibili ilandelana.

Uzibuyisile izinduku kulo mdlalo wayizolo yize ezakhe zisasale- lwe ngumlenze wesibili ongempelasonto ezayo etshwane okuyiwona ozocacisa ukuthi ezakhe ziyangena yini kowamanqamu.

Umccarthy uthi nakuba ezakhe zinqobile kodwa kusazokuba nzima.

“Okungijabulisile nje wukuthi isundowns kayizange ilishaye igoli ekuhambeni, okuyinto ebesiyihlelile.

"Isundowns iyingozi kodwa sizame ngawo wonke amandla ukungayivumeli ukuthi isingenele kalula.

"Angifuni ukuqamba amanga kusazokuba nzima. Ngelizayo kufanele sizame ukudlala leli bhola esilidlalile ukuze sifinyelele kowamanqamu.

"Ngiyababongela abafana bami basebenze ngokuzi-khandla,” kusho umccarthy.

Umosimane uncome umcCarthy ngebhola alidlalise ezakhe.

“Kuyajabulisa ukubona abaqeqeshi abasebancane njengobenni bedlalisa ibhola elinjena, lihle futhi abalandeli bayalithokozela.

"Kulo mdlalo sizibulale thina, senze iphutha elilodwa bashaya igoli.

"Kodwa-ke angikhali ngalutho iqembu lami lizame ngawo wonke amandla kwangenzeka.

"Sesibheke umlenze olandelayo ngethemba lokuthi sizowunqoba,” kusho umosimane.

Icity ihlulwe yisupersport United kowamanqamu walo mqhudelwano ngesizini edlule emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

* Imiphumela yemidlalo YENFD izolo ngomgqibelo:- University of Pretoria 1, Uthongathi 1; Wuthbank Spurs 1, Maccabi FC 1; TS Sporting 1, Royal Eagles 0.

ISITHOMBE: BACKPAGEPIX

ABADLALI becape Town City utaariq Fieries nomatthew Rusike bebanga ibhola nomosa Lebusa wemamelodi Sundowns kowemtn8.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.