ILAHLEKISA NGETHEMBA INKULUMO KA-SOLINAS

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

MHLELI: Ngingumlandeli wokuqina wekaizer Chiefs kodwa okwenzeka kule kilabhu engizifelayo ngayo kubuye kulahlekise ngethemba.

Nakuba nginethemba lokuthi izinto zisazohlangana kwichiefs kodwa akuthembisi okwenziwa ngumqeqeshi, ugiovanni Solinas.

Zisuka nje useke wazwakalisa isikhalo sokuthi abadlali bakhathele.

Ngesikhathi ichiefs ibhekene nesupersport United emdlalweni WEMTN8 usolinas utshele abadlali ukuba bangene enkundleni bayojabulela umdlalo.

Isupersport yasikhipha kulo mqhudelwano. Ngokwami bekumele abatshele bayoqinisa amabhawodi, balwele ukuwina.

Kuyaphoxa nokuthi ichiefs kayikawini ngisho nowodwa umdlalo kwiligi? Ikilabhu eqala isizini kabi ngalolu hlobo ingena kanjani-ke enkundleni iyothokozela umdlalo?

Impela nami nginesifiso sokuba sibanike ithuba abadlali nomqeqeshi ukuze bahlangane kahle kodwa kubuye kulahlekise ngethemba okukhulunywa ngusolinas.

Masethembe ukuthi kukhona okuhle esizokuzuza kule sizini Makhosi Amahle kwazise ibhola abalidlalayo liyethembisa.

Jabulani Mbambo, efolweni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.