Ucardoso uveza okubozisa ichiefs

Ubalisa ngefu elimnyama

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UVEZA isizathu akholwa wukuthi senza ikaizer Chiefs iboze umdlali wayo osenuka iqaqa kubalandeli njengoba besola yena ngokuba yikhongco elibuthaka.

Ichiefs azikayihlanganeli kahle izinto selokhu kuqale isizini njengoba iphikwa yimiphumela.

Isanda kuphoxa abalandeli bayo iwashiswa ijezi emqhudelwaneni WEMTN8 ebinethemba lokuthi izowunqoba.

Abalandeli baleli qembu basola udaniel Cardoso odlala emuva ngokuba yikhongco elibuthaka.

Bathi nguyena ongenisa amanzi endlini.

Nokho lesi sitobha sikholwa wukuthi le kilabhu ilandelwa ngamashwa yingakho izinto zingayihambeli kahle.

“Kunefu elimnyama elihleli kithina, inhlanhla isifulathele.

"Ejimini konke sikwenza kahle kodwa uma sike safika emdlalweni angazi kwenzekanjani, sivele sibe ngenye into.

"Sibhekene nengcindezi njengoba singenzi kahle, lokho ngeke ngikufihle.

"Ichiefs inabalandeli abaningi abahlale belangazelele ukuyibona inqoba.

"Uma ingenzi kahle ulaka lwabo balubhekisa kubadlali.

"Kodwa-ke sinethemba lokuthi izinto zizolunga, ngeke kuhlale kunjena,” kusho ucardoso.

Uthi ukufika sekuhambe isikhathi komqeqeshi nakho kube nomthelela ekutheni iqembu liqale kabi.

“Ukufunda into entsha akukaze kwaba lula.

"Umqeqeshi ufike isikhathi sesihambe kakhulu, sekusele izinsuku ezincane kuqale imidlalo.

"Ufike nesakhe isitayela esisha sibe sesikade sesijwayele esomqeqeshi omdala ebese sihlale naye iminyaka emithathu yonke.

"Bengilindele ukuthi kube njena kodwa manje izinto ziya ngokuhlangana, yikhona nje ukuthi okunye asikakucoshi kahle ngoba ngumqeqeshi ohlukile lona ufuna izinto zenzeke ngendlela ehlukile.

"Kodwa-ke angingabazi ukuthi uzoziguqula izinto ngokuhamba kwesikhathi," kusho ucardoso.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UDANIEL Cardoso ongumdlali wasemuva wekaizer Chiefs uthi inkinga ababhekene nayo wukungavunywa yinhlanhla kule kilabhu njengoba konke bekwenza kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.