UKHALA NGOBUHLUNGU ABUZWISWE YI-BUCS

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

KUQAQAMBA inhliziyo kumdlali wasetogo uma ecabanga ngobuhlungu abuzwiswe yi-orlando Pirates athi imdedele esathanda ukudlala kuyona.

Udove Wome (27) ufike kuleli ngo-2011 ezodlala kwifree State Stars emsayinise edlala kwiliberty Professionals yaseghana, abebolekiswe kuyo yimaranatha FC yangakubo etogo.

Ufike kwifree State wadlala ibhola elinenkosi phakathi, okuholele ekutheni athengwe yimamelodi Sundowns ngo-2014.

Nokho akahlalanga kuyona isikhathi eside njengoba imdayisele isupersport United.

Ngo-2017 ibe isimbolekisa kwipirates, kunesivumelwano sokuthi izomthatha unomphelo uma sekuphele isizini, kwazise inkontileka yakhe ibiphela nesupersport.

Njengamanje lo mdlali use-europe njengoba esayiniswe inkontileka yeminyaka emibili yifk Ventspils yaselatvia.

Ekhuluma naleli phephandaba lo mdlali eselatvia uthe ipirates imzwise ubuhlungu, okuphoqe ukuthi agcine efulathele iningizimu Afrika.

“Ipirates iwuhlukumezile umphefumulo wami. Isupersport ingibolekisa kuyona ngiyifake yajula enhliziyweni yami nginethemba lokuthi izongisayinisa ngokugcwele uma sekuphele isizini.

"Ngiphoxekile uma isingishaya ngesithende ngoba bengithenjisiwe ukuthi ngizosayina kwazise bengenza kahle.

"Ngike ngantunta ngingazi ukuthi ngizolibhekisa kephi, ngenhlanhla ngathathwa yile kilabhu yaseEurope.

"Kodwa-ke angiyibambele igqubu ipirates futhi ngiyafisa ngelinye ilanga ukubuyela kuyona.

"Ngilithokozele ngendlela eyisimanga ibhola eningizimu Afrika, ngiyafisa ukubuya kwipremiership uma sengiqede engikuzele lapha e-europe,” kusho uwome.

Uthi nakuba izinga lebhola laselatvia lingaphakeme kangako kodwa ufuna ukwenza le kilabhu isitebhisi sokuyodlala emakilabhini anesithunzi akhona e-europe.

“Iligi engidlala kuyona inamakilabhu angu-8 nje kuphela. Siphindaphinda namakilabhu awodwa kuze kube iyophela iligi.

"Sesidlale imidlalo engu-20, siphindana nabantu ababodwa. Yikhona lokhu okwenza ingafani nepremiership yalapho enamakilabhu amaningi.

"Kodwa-ke imali namabhonasi kuhle, ngeke ngiqambe amanga.

"Okuhle nje wukuthi emidlalweni yethu kuba nezinhloli zasemazweni amakhulu ase-europe yingakho nginethemnba lokuthi ngizodlala eligini enkulu kungekudala,” kusho uwome.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.