ESKHALENI:

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

KULOKHU kucace njalo ukuthi isouth African Football Association (Safa) kayinandaba nonobhutshuzwayo waseningizimu Afrika.

Abaqeqeshi abaningi beqembu lesizwe lakuleli ibafana Bafana bahlale bekhala isililo esisodwa sokungasekwa yile nhlangano yize besuke beqashwe yiyona.

Ngomsombuluko ustuart Baxter ocija ibafana, ubalise ngokuthi sekunesikhathi ecela ukuqashelwa isekela. Selokhu ubaxter ethathe izintambo ubamba uyayeka ngabasizi bakhe.

Ngaphezu kwalokhu, ubaxter ubebalisa ngokuthi isafa ilethe umdlalo wayizolo nelibya ethekwini. Ngokwakhe ubefuna udlalelwe endaweni engenalo ulwandle ngoba ilibya ngeke ixakeke ethekwini njengoba kunolwandle kuleliya lizwe.

Lesi simo sikhombisa ukuthi akukho ukuxhumana phakathi kwesafa nomqeqeshi. Awukwazike ukulindela ukuthi umqeqeshi akhiqize imiphumela ekubeni engakutholi ukwesekwa.

Nangesikhathi ibafana icijwa ngu-ephraim “Shakes” Mashaba bekuyisimo esifanayo.

Ngikhumbula ngoba abaqeqeshi bebeke bazithengele bona amanzi ejimini, isafa ingayihhoyi.

Umashaba uze waxoshwa ekhala ngokungesekwa. Uxoshelwe ukuthi unqabe ukuxhawula udanny Jordaan ongumengameli weSafa ibafana ihlula isenegal. Angikhohliwe nawukuthi ibafana ike yaboleka amabhola namamaka kwiwembezi Juventus kasipho Makhathini izodlala ethekwini ngenxa yakho njalo ukungahleleki kwesafa.

Ngiyakhumbula ngihlangana noserame Letsoaka obesiza ugordon Igesund ephoyinti ephikelele ekhemisi eyothenga izinto zokubhucunga abadlali. Konke lokhu kusidweba sigqame isithole sokuthi isafa kayihlelekile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.