Ubhekene nobunzima u-shabba e-europe

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UBHEKENE nobunzima e-europe umdlali wakuleli oqophe umlando ewela izilwandle esemdala.

Usiphiwe “Shabba” Tshabalala obegijima kwikaizer Chiefs umangaze abathandi bebhola kuvela ukuthi ulibhekisa eturkey ukuyodlala khona.

Ube esesayina inkontileka yeminyaka emithathu enesivumelwano sokuyelula ngomunye unyaka nebb Erzurumspor esanda kunyukela esigabeni esiphezulu eligini yaseturkey.

Ugijime umdlalo wakhe wokuqala kuleli qembu ezakhe zihlulwa ekhaya ngo-1-0 yi-istanbul Basaksehir koweligi.

Ungene ngomzuzu ka-74 kwachwaza izihlwele.

Kuvela ukuthi kungenzeka awuqale umdlalo olandelayo njengoba ezakhe zizobhekana nesivasspor koweligi ngempelasonto ezayo.

Utshabalala uthi kusenzima kuleliya lizwe njengoba esazama ukujwayela izinto eziningi.

“Angifuni ukuqamba amanga bengingakulindele ukuthi ngingaya e-europe sengineminyaka engu-33 yobudala.

"Ngishaqekile uma sekwenzeka manje, bengikulindele kwenzeke kudala kodwa akwangenzeka.

"Kuyakhumbuleka ekhaya, ngeke ngiqambe amanga kodwa ngeke ngibuye ngizobekezela, angifuni ukuziphendula inhlekisa.

"Ngiphethwe ngokweqophelo eliphezulu, indawo engihlala kuyona isezingeni lo mhlaba.

"Inkinga wulimi kunzima ukuhlala nabantu ongakwazi ukuxhumana nabo.

"Iningi lozakwethu kabasazi isingisi ngakho-ke kunzima.

Ngesinye isikhathi ngize ngicabange ukuthi ozakwethu bahleba ngami uma bexoxa begegetheka ngenxa yokuthi angizwa nhlobo.

"Kunzima ukuhlala nabantu ongabezwa lokho ngeke ngikufihle.

"Kodwa-ke kungekudala ngizoqala amakilasi okufunda ulimi lwalana ngoba kangifuni ukuhluleka.

"Nesimo sezulu-ke sinzinyana ngoba sishintsha njalo kodwa-ke ngeke ngibalekiswe yisona ngizohlala,” kusho utshabalala.

Ube esefisela inhlanhla ichiefs njengoba isezinhlelweni zokubuyisa isithunzi.

Uqhube ngokuthi angakujabulela ukubeka amakhokho ethala edlala kuyona njengoba imenze umuntu.

ISITHOMBE NGABE: SITE4NEWS

USIPHIWE Tshabalala obeyisihlabani sekaizer Chiefs edlubhe ezekilabhu yakhe entsha yaseturkey, IBB Erzurumspor.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.