BAFUNA OWAQASHA "UMBULALI" KWELIKAMAGAQA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - INTATHELI YELANGA LANGESONTO

AFUNA umsolwa adalule amagama “abaqashi” bakhe amakhansela amabili asinda ngokulambisa esigamekweni okugcine kushona kuso owabe engunobhala Jikelele WE-ANC Youth League, umnu Sindiso Magaqa.

Amakhansela, unkk Jabu Mzizi-msiya nonkz Ntsiki Mafa, ababehamba nomnu Magaqa ngesikhathi bedutshulwa bakhala ngokuthi impilo yabo isesengcupheni uma umsolwa, usibusiso Malusi Ncengwa, engawadaluli amagama abantu abamqasha ukuba abahlasele.

Uncengwa ubevele enkantolo yemantshi yasemzimkhulu ngolwesine lapho ebhekene khona necala lokubulala, namabili okuzama ukubulala.

Kubikwa ukuthi unkk MziziMsiya nonkz Mafa, abalimala ngokudutshulwa kulesi sigameko esenzeka ngomhla ka-13 kuntulikazi (July) 2017, bathi bazizwa bengaphephile uma bengabazi abantu “abaqasha” uncengwa ukuba abahlasele.

Bathi abamazi nokumazi uncengwa, amalungu ompha- kathi athi abeke ambona ezulazula endaweni.

Umnu Magaqa wagcina ngokushona esibhedlela i-albert Luthuli, ethekwini, ngomandulo (September) ngawo u-2017.

Leli cala inkantolo ilihlehlisele unyaka ozayo ngomhla ka-14 kumasingana (January).

Okhulumela ezokushushiswa Kwazulu-natal, unatasha Kara, uthe leli cala lihlehliswe ukuze kuqhubeke uphenyo kanti uncengwa uzoqhubeka nokugcinwa ezikhindini.

*ULWAZI LUCASHUNWE KWINEWS24

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.