KWETHULWA UMNDENI OMUSHA KUZALO

Ilanga langeSonto - - Izindaba - JOHN HLONGWA

NGEMUVA kokusabalala kwamahlebezi athi lingase ligawule izembe emdlalweni owuchungechunge uzalo okhonjiswa KUSABC 1 kusihlwa kusukela ngomsombuluko kuya kulwesihlanu, ILANGA Langesonto selithole ezithi kunomndeni omusha ozokwethulwa kulo mdlalo.

Ngokuthola kwaleli phephandaba emithonjeni yalo esondelene nalo mdlalo, kulo mndeni wakwa- Zondo kukhona umfana omncane umbuso nodadewabo unonka abahlala emjondolo, abashonelwa ngabazali.

Unonka kuthiwa nguyena ozobe enakekela umfowabo. Kukholakala ukuthi ukwethulwa kwalo mndeni kulo mdlalo kuzowufaka isinongo esizothokozelwa ngababukeli bawo.

Umarang Setshwaelo okhulumela Uzalo, ebuzwa YILANGA Langesonto, akaphumelanga obala ngalo mndeni, uthe: “Ithimba lethu elibhalayo limatasa ngokuqhamuka neziqephu ezihlabahlosile, futhi sijabule ngeliza nakho.

"Okwamanje awekho amagama esizowaveza abantu abasha abazovela kodwa singabaqinisekisa ukuthi Uzalo luzoqhubeka nokwenza okuhlabahlosile okulenze lwahamba phambili,” esho.

ISITHOMBE: JOHN HLONGWA

ULANGELIHLE Jiane ongumlingisi omusha ozobonakala kuzalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.