MZWAMANDLA ZONDI

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

kuzoshayeka abagijimi besifundazwe njengoba bengeke bakwazi ukubamba iqhaza emidlalweni yakuleli nakweyomhlaba.

Ukudungeka kobudlelwano phakathi kukaskhosana nomokoena kuqale ngo-2012 ngesikhathi uskhosana ephuma ekubeni ngumengameli WEKZNA kuqokwa umokoena.

Lokhu kwalanywa ngamacala enkohlakalo avulelwa uskhosana nokho agcina ephelele emoyeni, bungahlangani ubufakazi. Kusukela lapho ubudlelwano balezi zikhulu kabukaze bube buhle.

Okwenze sikhuthaze ukuba zihlale phansi lezi zikhulu zixazulule izinkinga wukuthi ezokugijima zibalwa nemidlalo ephephezelisa ifulegi laseningizimu Afrika emidlalweni yomhlaba njengoba uwayde van Niekerk ephethe irekhodi lomhlaba le400m, ucaster Semenya uyingqwele yomhlaba kwi-800m, uluvo Manyonga ugila izimanga kwi-long jump.

Ucaster noluvo badidiyelwe ndawonye kubagijimi okuzoqokwa kubona abavelele emcimbini we-international Association of Athletics Federation (IAAF) wokuklomelisa (abagijimi) abaphambili nonyaka ongozibandlela (December) efrance.

Ukwenza kahle kwelakuleli kwezokugijima sekwenze ICAA yaqoka elakuleli ukuba lisingathe ingqungquthela yayo yokuqoka ubuholi obusha. Konke lokhu kwethenjwa kwelakuleli ngenxa yokwenza kahle sikubona kuzolinyazwa yile mpi ebukeka isekude ukuphela uma bengahlali phansi uskhosana nomokoena baxazulule okwenza bangaboni ngaso linye.

Nakunobhutshuzwayo impi ephakathi kukadanny Jordaan ongumengameli wesouth African Football Association (Safa) no-irvin Khoza ongusihlalo wepremier Soccer League (PSL) kunemba kabi ezinhlanganweni abaziholayo njengoba kumanje kunomdonsiswano ngoxhaso lwabakwa-outsurance abaseke onompempe.

I-PSL isasonga ngokuyilwa ngempumelelo eyokuqeda eyokugqokiswa imifaniswano yakwa-outsurance konompempe (besafa) abadlalisa imidlalo yale nhlangano.

Ikhala ngokuthi kushayisana nabaxhasi bayo. Ngakolunye uhlangothi, isafa ithi yiyona obasi, IPSL kufanele ihlale ikukhumbula lokho. Lezi zimpi zinemba kabi kubaholi balezi zinhlangano.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.