U-BUCS IGUQISE IKHOSI KWI-SOWETO DERBY

Ichiefs iqhubekile nokuba yisinkwa semihla

Ilanga langeSonto - - Front Page - PHILANI NCALANE

UNCOME ukuqina kokhakhayi lwabadlali beOrlando Pirates umilutin “Micho” Sredojevic ongumqeqeshi wale kilabhu eguqise izimbangi zayo ezinkulu ikaizer Chiefs kuba ngu-2-1 koweAbsa Premiership izolo ngomgqibelo ntambama EFNB Stadium, egoli.

Umicho uthe abadlali bakhe bakukhombisile ukuthi sebevuthwe ngokwanele beshaya amagoli amabili emuva kokuba bese beqale ngokushweba iphenathi yokulinganisa kulo mdlalo ichiefs evule kuwona inkundla ngegoli likakhama Billiat aliphiwe ngunozinti webucs, usiyabonga Mpontshane.

Igoli likabilliat lingene ngomzuzu ka-15 kwathi iphenathi yebucs yashwetshwa ngujustin Shonga ngoka-25. Ibidaleke ngokudlaliswa kabi kuka-augustin Mulenga ebhokisini. Amagoli ebucs abhakuziswe enethini ngu-innocent Maela ongqofele enethini ikhona kashonga ngomzuzu ka-29 nelikavincent Pule ngoka-32.

Kulo mdlalo ichiefs ihluleke ngisho isikhiphe izinduku ebizifihle emqubeni njengoba iqalise umdlalo ubilliat noleonardo Castro ababuya ekulimaleni.

Kuyiwe kulo mdlalo kungacaci noma bazodlala yini njengoba ichiefs ibingafuni ukuphumela obala ngesimo sabo. Nokho-ke kucacile ukuthi abakabi qatha ngokwanele njengoba begcine bekhishiwe. Indawo kabilliat ithathwe ngukabelo Mahlasela kwathi kwekacastro kwachitshiyelwa ngoryan Moon.

Ugiovanni Solinas ongumqeqeshi wechiefs uphinde wenza uguquko efaka uhendrick Ekstein endaweni kabernard Parker.

Usredojevic ufake ulinda Mntambo endaweni kashonga waphinde wabophela upaseka Mako endaweni kapule.

Ngesikhathi esefuna ukuvimba amabhola abetshalwa ngusiphelele Ntshangase, usredojevic ufake umpho Makola endaweni kaxola Mlambo.

Ushonga uzakhele isigcwagcwa kubalandeli egeja iphenathi ngemuva kokuba usiyabonga Ngezana edlalise kabi umulenga ebhokisini.

Le phenathi ibanjwe ngqi nguItumeleng Khune ongunozinti wezimpofana. Ushonga uphinde waziqhatha nabathandi bebucs egeja ibhola kungekho muntu ezintini njengoba izitobha zechiefs bezenze iphutha eliwubungane.

Ichiefs ibithwele kanzima emuva esiwombeni sokuqala njengoba bebengqubuzana umario Booysen nongezana. Ungezana nguyena obezithola esenza umsebenzi ophindiwe wokumaka abadlali abasheshayo bebucs, ikakhulukazi umulenga, ushonga nopule.

Ukuphungwa ngezithebe kweBucs, kuholele ekutheni izitobha ezintathu zechiefs ungezana, ubooysen nogodfrey Walusimbi zizicelele amakhadi aphuzi kunompempe. Ibucs idlale lo mdlalo ngaphandle kukamusa Nyatama noluvuyo Memela abalimele.

Ichiefs igcine ukuhlula ipirates kwiligi ngozibandlela (December) wango-2014 inqoba ngo-2-0. Emdlalweni wokugcina wala makilabhu obungasekuqaleni kwalo nyaka ibucs inqobe ngo-3-1.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UNOZINTI we-orlando Pirates usiyabonga Mpontshana engqubuza ibhola phambi kukakhama Billiat wekaizer Chiefs nohappy Jele wepirates.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.