LUQALE ESEMNCANE UTHANDO LOKULINGISA

Ilanga langeSonto - - Ezikaqedisizungu - THANDI ZONDI

ULAXAZE umsebenzi ngenxa yothando lokulingisa ujimmy Magubane obengukapteni obebanga ukushisa emdlalweni owuchungechunge kumabonakude Uzalo, otshengiswa KWISABC 1 njalo phakathi nezinsuku.

Njengoba kuleli sonto egcinile ukubonakala kuzalo, usebonakala kwisnake Park, edlala KWISABC 2.

Uthi uthando lokulingisa luqale esemncane esafunda isikole nokugcine sekwenza abazali bakhe bamusa esikhungweni esilolonga amaciko, istable Theatre, ethekwini, okuthe uma bebona inhlalo yakhona bavele bamyekisa. Ube esethola ithuba lokulingisa emidlalweni ethile engatheni, kodwa kulo nyaka yilapho ebone khona iminyango ivuleka. Uke wabonakala emdlalweni othi Ngempela, ihow Long, nemuvhango. Njengamanje ubonakala kwisnake Park njengoba egcine ukubonakala kuzalo kuleli sonto.

Uthi indawo abeyilingisa kuzalo imnike inselelo ngoba ubengumuntu onenhliziyo embi, okuyinto angeyona.

“Ngingumuntu onothando, anginawo umona futhi nginenhliziyo enhle, ngiyathanda ukusiza, bangakutshela nabantu abasondelene nami.

"Yize kunjalo ngijabule kakhulu ngendawo ebengiyilingisa ngoba itshengisa ukuthi ngingalingisa noma yiyiphi indawo uma ngisebenza ngokuzikhandla nokuzinikela,” kuchaza ujimmy.

Le ndawo abeyilingisa kuzalo wayithola ngosuku aya ngalo kwinhlolokhono, wasayina nenkontileka ngaleso sikhathi.

Ujimmy ungowokuzalwa entshongweni esigodini sakwawathanga. Ubuye abe yinxusa lomkhiqizo wobuso wabantu besilisa, IDX Smooth. Uthi ngesikhathi ekhula ubegxile kakhulu ebholeni nasekuculeni, kodwa ukulingisa yikhona manje okuhamba phambili.

Kwezokulingisa uthi ubukela kakhulu kuthandeka Dawn King, umxolisi Zuma, uncibijane Madlala novusi Kunene. Uthi yize aziwa kakhulu emsakazweni kodwa uzimisele ngokukhula ekulingiseni. tzondi@ilanganews.co.za

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NGUJIMMY Magubane obelingisa ukapteni Brixton Biyela kuzalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.