Ngo sakazo

Ilanga langeSonto - - Ezikaqedisizungu - ZOWAKHA MBATHA

ngesezinombolo zabalalela umsakazo ezinsukwini eziyisikhombisa ( weekly reach), kube ngesabalalela umsakazo usuku nosuku ( daily reach), bese kuthi esokugcina kube ngesabalalela uhlelo ngalunye.

Kungenzeka ezinsukwini eziyisikhombisa umsakazo ufinyelele noma ulalelwe ngabayizigidi eziyisikhombisa kodwa okungachazi ukuthi nsuku zonke noma uhlelo ngalunye lulalelwa yilezo zigidi zabalaleli.

Kungenzeka kanjani nje uhlelo lwasekuseni lulalelwe yizigidi ngokunjalo nolusezinzulwini zobusuku?

Ngokuzayo uma bekubelesela ngezinombolo ubobacela bacacise ukuthi lolo hlelo abalwenzayo lulalelwa ngabantu abangaki.

*Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzo umbhali. Instagram: @zowakha

Facebook: Zowakha Mbatha

Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.