SIFE OLWEMBIZA NGOKUSHONA KUKASANDILE KHWELA

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

MHLELI, kusethusile ngendlela emangalisayo ukushiywa emhlabeni nguSandile Khwela obengumculi wombhaqanga.

Okudabukisa kakhulu yindlela ahambe ngayo elinyazwa ngabantu.

Sife sonke ngendlela abezithobe ngayo futhi ebahlonipha abalandeli balo mculo.

Ubuthi noma uxoxa naye akulalele ukuthi uthini, nixoxe kube kuhle.

Yebo, simazi elungile thina, asazi kwabambulele. Kodwa angikholwa ukuthi bekuyisona sisombululo ukuba abulawe. Bekuyindoda ebilunge kabi lena.

Nakhona emculweni ibingagxilile kangako njengoba ibibuye yeqise ingakhiphi.

Lokho kukhomba ngokusobala ukuthi ubewenza ngoba ewuthanda umculo.

Ziyohamba izinsizwa, kuyosala izibongo.

Umndeni awududuzeke, noma kunzima kuzodlula.

Sibusiso Madoda Hadebe enhlapo Section EKATLEHONG

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.