UKUZITHIBA

Ilanga langeSonto - - Imibono -

Kubadlali noma amaciko emikhakheni enhlobonhlobo kunokuzidela noma ukuzithiba kokuningi abanye okungabaphazamisi nxa bekwenza empilweni yabo yemihla ngemihla.

Kwezemidlalo umdlali kumele azithibe kokuningi okuzophazamisa ubuqatha bakhe ukuze adlale kahle, wuphuzo oludakayo, wubumnandi obuthinta ukusetshenziswa budlabha kwemali umuntu anayo, wulondoloza iphimbo kwabacula umculo wengcwenga, nokukhuthalela ukuzilolonga ukuze ikhono lingathikamezeki.

Empeleni nakongenakhono, ukuhlulwa wuphuzo emsebenzini nangaphandle kusho okuthile ngalowo muntu. Ngisho owesifazane ongasebenzi kodwa uma ezithwele uyazi ukuthi ngeke aphuze aze abelethe.

ISITHOMBE: REUTERS

UMNU Nhlanhla Nene ukhombise ubuqotho obungavamisile ukubonakala kubaholi baseningizimu Afrika ngesikhathi esula esikhundleni emva kokuba kuvele ukuthi uke wabonana nomndeni wezimanga wakwagupta.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.