UMQEQESHI WE-LEOPARDS UFUNA UKUZWISA USOLINAS UBUHLUNGU

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UJOEL Masutha ( osesithombeni) ongumqeqeshi weblack Leopards ufuna ukusebenzisa ukuba matasa kwekaizer Chiefs ukuzwisa ubuhlungu ugiovanni Solinas ongumlolongi wezimpofana oseqala ukunuka iqaqa kubalandeli bale kilabhu.

Ichiefs izobhekana neleopards kowe-absa Premiership ngolwesithathu ngo-19h30 EFNB Stadium, esoweto. Ichiefs iya kulo mdlalo nje, namuhla ngesonto ngo-15h00 izogadulisana nesupersport United kwi- quarter final yetelkom Knockout emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Ileopards yona ibe nesikhathi sonke sokuphumula njengoba isihlale isonto lonke ingenamdlalo.

Umasutha ekhuluma naleli phephandaba, uthe noma kanjani ichiefs kulo mdlalo izohlangana nezimbila zithutha. Uthi ufuna ukuzwisa usolinas ubuhlungu ngokumshaya.

“Indlela esijima ngayo kulezi zinsuku sisebenzisa elikhulu ijubane ngoba sifuna ukubagijimisa usuka umdlalo uze uyophela.

"Sibe nesikhathi eside kakhulu sokuphumula bona bayadlala ngeSonto, ngolwesithathu bazophinde badlale, ngabe sinehlazo uma singahlulwa ngabantu abaphumule isikhathi esincane kanje kunesethu.

“Ngifuna ukukubeka kucace nje ukuthi ngeke basehlule, kukhona esibahlelele khona okuzobamangaza uma sesisemdlalweni. Njengoba bedlala nje, sizobabuka kahle sithathe wonke amanothi siqhubeke nokubahlanganisela leli tulo lokubaqumba phansi,” kusho umasutha.

Ileopards ekuqaleni kwesonto yamukele umzwanele Mahashe obedlala emuva kwibaroka FC noEnocent Mkhabela odlala esiswini obekwiplatinum Stars eseyaziwa ngecape Umoya abazozama inhlanhla njengoba bengenamisebenzi. Umasutha uthi ugculisekile ngalaba badlali.

“Sengenelisekile ngabo, osekusele nje wukuthi bavumelane nabaphathi. Bangabadlali abanesipiliyoni engingangabazi ukuthi bazosisiza ekulweni nokuthi ikilabhu izinze kulesi sigaba.

"Umuntu ongasekho obezama inhlanhla ngusiphamandla Mlilo ovele wanyamalala, kasimazi ukuthi ulibhekise kuphi. Ngiyasola ukuthi udinwe wukuthi ubesejime isikhathi eside kuthulakele,” kusho umasutha.

Umasutha ukhuluma kanjena ngechiefs nje, izimbangi zayo ezinkulu i-orlando Pirates zizobhekana nepolokwane City koweligi ngolwesibili ngo-19h30 epeter Mokaba Stadium, epolokwane. Imamelodi Sundowns yona izodlala nefree State Stars ngolwesithathu ngo-19h30 eloftus Versfeld Stadium, epitoli.

Idowns nebucs bazophinde babhekane kwindumezulu yomdlalo weligi ozokuba ngomgqibelo ngo15h30 eloftus Stadium. Kulo mdlalo kulindeleke ukuba kuphume nesinedolo kwazise la makilabhu aphezulu kwi- log futhi abaqeqeshi bawo abakufihli ukuthi bafuna isicoco seligi.

Imidlalo ye-absa Premiership ezogijinywa phakathi nesonto nangempelasonto imi kanjena:- NGOLWESIBILI

Epeter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Orlando Pirates 19h30.

NGOLWESITHATHU Eloftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Free State Stars 19h30.

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Black Leopards 19h30.

NGOLWESIHLANU Eharry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Highlands Park 20h00.

NGOMGQIBELO

Eloftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Orlando Pirates 15h30.

Eprincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Baroka FC 15h30.

Emoses Mabhida Stadium: Kaizer Chiefs vs Chippa United 18h00.

Egoble Park: Free State Stars vs Supersport United 20h15.

Ebidvest Stadium: Bidvest Wits vs Bloem Celtic 20h15.

NGESONTO mhla ka-11 kwephezulu

Eking Zwelithini Stadium: Amazulu FC vs Polokwane City 15h30.

Ecape Town Stadium: Cape Town City FC vs Black Leopards 15h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.