SIPHITHENE IKHANDA ISIKHULU SE-BAY FC

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

SIPHITHENE ikhanda isikhulu serichards Bay FC, usifiso “Jomo” Biyela, ngesinqumo okufanele sisenze ngomdlali waso okuvela ukuthi ugaqelwe wuxhaxha lwamakilabhu agijima kwiAbsa Premiership.

Irichards Bay izobhekana nets Galaxy emdlalweni wenational First Division (NFD) namuhla ngesonto ngo-15h30 emhlathuze Sports Complex, erichards Bay.

ILANGA Langesonto lithole ngemithombo yalo ukuthi umichael Gumede odlala esiswini kwibay ufunwa uthuli yibidvest Wits, yichippa United, yifree State Stars nelamontville Golden Arrows.

Kuthiwa ikilabhu okuyiyona ekhombisa ukumfuna kakhulu yiwits okuvela ukuthi isimbekele etafuleni imali namabhonasi aconsisa amathe.

Nechippa ngokunjalo kuthiwa isikubekile etafuleni efuna ukukunika lo mdlali.

Lo mdlali ufunwa kangaka nje, usalelwe yizinyanga ezingu-8 kwinkontileka yakhe nebay, kodwa enesivumelwano sokuyelula ngomunye unyaka. Kuthiwa ukufunwa ngalolu hlobo kukagumede kuphithanisela ngekhanda ubiyela okuthiwa akazi noma amdedele manje yini lo mdlali njengoba engumgogodla wekilabhu.

Ugaqelwe kangaka nje, yingoba namagoli uyawashaya njengoba esevalele amathathu emidlalweni engu-9.

Leli phephandaba libuza ubiyela ngalolu daba, ukuqinisekisile ukuthi kunamakilabhu kwi-premiership afuna ugumede kodwa wacela ukungaphawuli ngawo okwamanje ezeseka ngokuthi ezakhe zibhekene nomdlalo omqoka.

“Akhona amakilabhu amfunayo kodwa akusiyona into esingakhuluma ngayo okwamanje ngoba kangifuni umdlali wethu aphazamiseke.

"Njengamanje sibhekene nomdlalo onzima negalaxy okufanele noma kanjani siwunqobe. Ngiyibonile idlala ukuthi ilibeka phansi kodwa sinalo isu lokuyibamba.

"Engingakuqinisekisa wukuthi ngeke iphume naphuzu lapha ebay,” kusho ubiyela.

Komunye umdlalo WENFD onamuhla ngesonto ngo-15h30, Ezenkosi, ijomo Cosmos, zizoshukana nobuntu Cape Town emakhulong Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.