ISILILO KUSHONA UMQEQESHI WE-PSL

Kuphelile ngedowns kwitko

Ilanga langeSonto - - Front Page - SENZO SOKHELA

ALWE ngisho esenenxeba elibhibhayo Amazulu FC aguqiswe yi-orlando Pirates emdlalweni we- quarter final yetelkom Knockout kuba ngu-3-1 izolo ngomgqibelo ebusuku emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Usuthu luye kulo mdlalo lukhonjwe ngenjumbane yipremier Soccer League (PSL) nabakwaTelkom ukuba lushiye inkundla yalo yasekhaya, iking Zwelithini Stadium, emlazi lwashovwa emabhida, kubekwa izizathu zokuphepha.

Amagoli okunqobe ngawo ibucs kulo mdlalo abekwe enethini nguthembikosi Lorch amabili noxola Mlambo kwathi elosuthu lavalelwa ngubongi Ntuli. Lo mdlalo uphele zibambene ngo-1-1 okuphoqe ukuthi kuyiwe esikhathini esengeziwe.

Umlambo nolorch babe sebevalela amagoli amabili anqobise ibucs. Usamuel Darpoh wosuthu ukhishwe ngekhadi elibomvu sekusele kancane kuphele umdlalo.

Kulo mdlalo kubanjwe umuntu othile obedayisa amathikithi omgunyathi. Uthathwe ngamaphoyisa ukuyofakwa imibuzo. Bekuvele kushiwo ukuthi ezokuphepha zizokube ziqine kakhulu kulo mdlalo njengoba kwaziwa ukuthi kukhona abayaye bafune ukwephula umthetho.

Komunye umdlalo wetelkom izolo, imamelodi Sundowns ihlulwe yibaroka FC ngo-2-0 epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

*

Ajax 2, Kings 2; Tshakuma 1, Spurs 0; Eagles 1, Maccabi 2, Tuks 0, Stellenbosch 3; uthongathi 1, Mbombela 1; TS Sporting 2, Cape Umoya 0.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UXOLA Mlambo wepirates exinwe ngunhlanhla Vilakazi nosinethemba Sithebe bamazulu FC kowetelkom Knockout ophele ngo-3-1 kunqoba ibucs izolo kusihlwa emoses Mabhida Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.