Iyavuka ekakhune nawase-europe

Kuthiwa ufunwa ngeyase-england neyaseturkey

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

INGASE izithole isilahlekelwa ngomunye umdlali osehlale iminyaka kuyona ikaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi inkampani ephethe u-itumeleng Khune ongunozinti wezimpofana, imzamela amadlelo aluhlaza e-europe futhi kukhona okuthembisayo.

Ichiefs izobhekana nesuperSport United kowetelkom Knockout namuhla ngesonto ngo-15h00 emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Leli phephandaba lihletshelwe ngumthombo walo ongaphakathi kwanewton Sports Agency, okuyinkampani ephethe izindaba zikakhune ongukaputeni wechiefs, ukuthi lo mdlali angase alibhekise e-europe njengoba le nkampani ithole izimpendulo ezinhle emakilabhini akhona amfunayo.

Kuthiwa kunekilabhu edlala kwi-english Championship neyaseturkey azwakalise uku- thi angakujabulela ukusayinisa lo mdlali.

Kuvela lezi zindaba nje, kuthiwa inkontileka kakhune nechiefs iyaphela uma kusongwa le sizini.

Ulee-roy Newton ongumnikazi wale nkampani ezinze emngeni, ethekwini, ebuzwa yileli phephandaba ngalolu daba, uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngalo wathi usemhlanganweni omqoka. Ube esecela ukuba kuthunyelelwe uzakwabo, udr Kirsten van Heerden, imibuzo nge-email okuze kwashaya isikhathi sokuloba engayiphendulanga.

Imizamo yokuthola ubobby “Bobsteak” Motaung oyimenenja-jikelele yechiefs, ukuthola uhlangothi lwale kilabhu iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. Ne-email ethunyelelwe yena uqobo akazange ayiphendule.

U-ITUMELENG Khune

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.