AKASAKWAZI UKUHAMBA UMUGABE

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

KUBIKWA ukuthi obengumengameli wasezimbabwe, umnu Robert Mugabe (94), akasakwazi ukuhamba ngenxa yokugula nokuguga, kanti usesingapore lapho elashwa khona.

Lezi zindaba kubikwa ukuthi zivezwe ngumnu Emmerson Mnangagwa osengumengameli wakuleliya lizwe ngesikhathi ekhuluma nabalandeli bezanu-pf kwi- rally yeqembu izolo ngomgqibelo.

Ngokusho kukamnu Mnangagwa, sekuyizinyanga ezimbili umnu Mugabe elashwa esingapore.

“Usekhulile manje. Kunjalo, akasakwazi ukuhamba kodwa noma ngabe yini ayicelayo, sizoyihlinzeka. Siyamnakekela,” kusho umnu Mnangagwa.

Uqhube wathi kulindeleke ukuba umnu Mugabe abuyele ezimbabwe ngasekupheleni kwale nyanga.

“Kufanele ngabe ubuye mhlaka-25 kumfumfu (October) kodwa isimo sakhe besingakabi sihle. Izolo sithole umyalezo wokuthi uthi uzizwa esengcono,” kusho umnu Mnangagwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.