KUBUYA ENOHLONZE

Ilanga langeSonto - - Izindaba - LUCKY CAIN

KUBUYA imidlalo enohlonze esiteshini sikamabonakude esikhokhelwayo umzanzi Magic.

Ureneilwe Sema, oyisikhulu esiphezulu kulesi siteshi esingaphansi kwemultichoice, uthi okuza nalesi siteshi ngonyaka ozayo kuzojabulisa inqwaba yababukeli njengoba kubuya imi-dlalo eyintandokazi okubalwa namasizini amasha emidlalo ewuchungechunge eqhubekayo.

Lokhu ukusho emcimbini obungoLwesihlanu lapho iziteshi ezingaphansi kwemultichoice bezigabisa ngemidlalo ezizogaba ngazo ngonyaka ozayo.

Phakathi kwemidlalo usema amemezele ukuthi ikhuza ibuya kubalwa ithe Herd, Lockdown, Ikhaya, Date My Family neminye kanti kwewuchungechunge ubale isithembiso, Isibaya, Uthando nesithembu, Papa Penny, Rolling with Somizi, Yobe, Utatakho neminye. Uncome umdlalo Isibaya ngokuqhubeka nokwenza kahle nakuba ubangisana neminye imidlalo ehamba phambili ezweni.

Usema uphinde wamemezela nomdlalo omusha oqoshelwe KwazuluNatal obizwa ngokuthi Ehostela ozosakazwa kuwona umzansi Magic.

Udalule ukuthi lo mdlalo ukhuluma ngempilo yasehostela, umasikandi nezigigaba ezimataniswa nalokhu. Lo mdlalo kubikwa ukuthi ugabe ngabalingisi abanohlonze asebezakhele igama kwezikamabonakude.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.