ISHE YANGQONGQA I-CUBANA E-BLOEM

Ilanga langeSonto - - Izindaba - INTATHELI YELANGA LANGESONTO

ISHE yangqongqa indawo yobumnandi edumile, icubana, eseBloemfontein, efree State, izolo ekuseni.

Kubikwa ukuthi indlela umlilo obusha ubuhanguhangu ngayo, izicishamlilo azikwazanga ukuwunqanda.

Okhulumela umasipala imangaung Metropolitan Council, umnu Qondile Khedama, embikweni wenews24, uthe nakuba ithimba labo lezicishamlilo lisukumele phezulu, lababela kule ndawo, esikhathini esiyimizuzu eyisithupha kuqalile ukusha, kodwa indlela ilangabi ebeliyiyona le ndawo igcine ngokuba ishe ingqongqe.

“Ngesikhathi befika bekucaca ukuthi umlilo ukhula ngamandla. Ngenhlanhla izicishamlilo zikwazile ukuwunqanda ukuba ungakapakeli emabhilidini aseceleni,” kusho yena.

Kubikwa ukuthi abekho abalimele nabashonile kulesi sigameko, kanti imbangela yomlilo silobe lapha ingakaziwa - umasipala ubusalindele umbiko wophenyo.

Le ndawo eshile ingenye yezindawo ezihanjelwa kakhulu ngabathandi benjabulo ebloemfontein.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.