EMINYE IMICIMBI EMIKHULU YENTOKOZO

Ilanga langeSonto - - Izindaba - THANDI ZONDI

SEYIQALILE imicimbi yentokozo ehambisana namaholide kazibandlela (December), eminye yayo eyenzeka minyaka yonke.

Ngempelasonto ende ehambisana neholide lomhlaka-16 kuzibandlela, nokuyimpelasonto ephithizela kakhulu, kuzoba nendumezulu yomcimbi obizwa ngecapitec Live Better Festival ezodonsa izinsuku ezimbili, ezobe ibophele abaculi abahlonishwayo endimeni yezobumnandi.

Lo mcimbi uzobe sekings Park Stadium - Outer Fields, ethekwini mhlaka- 15 no 16 kuzibandlela.

Phakathi kwabaculi abazobe bekhona kubalwa ukhaya Mthethwa, Mlindo The Vocalist, Afrotraction, Zonke, Lady Zamar, Zamajobe, novusi Nova abazocula ngesonto. Kanti ngosuku lokuqala kuzobe kuboshelwe unasty C, Kwesta, AKA, Zakwe, DJ Tira, Distruction Boyz, Okmalumkoolkat, DJ Junior De Rocka, King Sfiso nomario.

Abazobe bephethe uhlelo ngoMgqibelo nguheazy, ufarieda nole Soul kunandise uvictor Malaza esiteji.

Ngesonto ucollen Zondo, Jesse Suntele nonomfundo Xaba yibo abazobe bephethe uhlelo.

Oyinhloko emnyangweni wezokumaketha kwacapitec, usibusiso Kumalo, uthi: “Sijabule kakhulu ngokwanda kwesibalo sabantu abasha abazoba yingxenye yelive Better Festival ezobe idle ngomculo omnandi, ukudla, imfashini nokunye okuningi kulezi zinsuku ezimbili. Nakanjani abathandi benjabulo basekzn bazowuthokozela lo mcimbi.”

Amathikithi atholakala eticketpro nasezitolo zakwa-edcon kusukela ku-r200 kanti uma usebenzisa ikhadi lasebhange lakwacapitec uthola isaphulelo sika-15%. Iphephandaba ILANGA liyingxenye yeminye yemicimbi emikhulu yentokozo ehleliwe kulesi sikhathi samaholide.

Eminye yemicimbi exhaswe yileli phephandaba kubalwa Indoni Miss Cultural ozoba ngomhlaka-15 kuzibandlela, edurban ICC Arena.

Ngomhlaka-16 kuzibandlela eprincess Magogo Stadium, Kwamashu, kuzobe kunendumezulu yomcimbi, ikasi Lami Experience. Nakulo mcimbi kuboshelwe izinkunzi zabaculi abehlukene.

Ngosuku olulandalayo mhlaka-17 kuwo uzibandlela zizobe zibondiwe kutongaat Beach Festival.

Kuyothi mhlaka-22 kuzibandlela abathandi bomculo kamasikandi babheme bakholwe kwiBuyelekhaya Maskandi Festival ezobe isegreytown, nakuyona okuzobe kusina kudedelana izinkakha zalo mculo.

Indumezulu yomcimbi waminyaka yonke, Indayi Homecoming Festival, ezoba ngomhlaka-23 kuzibandlela Kwanombika Sports Ground, endwedwe, iyabuya. Njengenjwayelo kuzobe kuboshelwe amaciko anohlonze, okubalwa kuwo abaculi nodj abasezingeni eliphezulu.

Kuyothi ngomhlaka-1 kumasingana amabombo abheke emgababa, emcimbini wedumela waminyaka yonke, umgababa Beach Festival.

[email protected]

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.