GENERATIONS: THE LEGACY

Ilanga langeSonto - - Ezikaqedisizungu -

UWANDILE useyifuna ngendlela exakile ingane yize kade ethembise ukuthi uzothi ukwehlisa kancane. Umazwi useqala ukukhumbula impilo yakhe yakudala. Ingcindezi iyehla kancane emndenini wakwamoroka njengoba kufika ucrazy J. Ukabisi akazi ukuthi kukhona akufihlelwe ngumshana wakhe. Ugrace uphazamisa ngamabomu uhlelo lokuba nengane. Abathile ababili kubashiya bethukile ukuqabulana kwabo. Ulesedi ucabanga ngendlela yokuzenzela imali. Usmanga uyavuma ukuthi unemizwa kasisi wasemzini. Ucosmo uyaboshwa. Sekuphelile ukudlala kucrazy J, manje sekuqala umsebenzi ngempela. AbakwaMoroka bamile ekutheni ngeke bamamukele uzitha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.