INDLELA YOKWENZA

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

Cwenga ujusi kaphayinaphu uwubeke eceleni. Esitsheni hlanganisa ibhotela ne- castor sugar kuze kuthambe. Faka iqanda ne- vanilla esssence bese uhlanganisa futhi.

Sefa u- flour, i- baking powder nosawoti ndawonye bese ukuhlanganisa nengxube yebhotela, ufake nejusi kaphayinaphu ngezikhawu ezahlukene, kuze kuthambe. Faka inhlama esitsheni esikhulu sokubhaka amakhekhe, esigcotshiwe ngokusamafutha.

Ngokusebenzisa isipuni thela uphayinaphu phezu kwenhlama. Hlanganisa i- coconut, ushukela omhlophe namakinati ndawonye bese uvuvuzela phezu kukaphayinaphu. Thela ngaphezulu ibhotela elincibilikisiwe, ukubhake kuhhavini oshisayo (180 celsius) noma kuze kube nsundu umbala. Phaka ikhekhe lakho lihambisane newhipped cream.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.