Kalulwe kungadilwe eNaturena

Isiphenduke ithofi le-orlando Pirates

Ilanga langeSonto - - Front Page - PHILANI NCALANE

INKUKHU inqunywe umlomo ikaizer Chiefs iqhubeka nokuba yithofi le-orlando Pirates eyixebule ngo-2-1 emdlalweni owandulela owamanqamu wetelkom Knockout izolo ngomgqibelo ntambama emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Amagoli ebucs avalelwe enethini nguthembinkosi Lorch ngomzuzu ka-13 nojustin Shonga ngoka-83, kanti elokugqiba ihlazo lezimpofana lishaywe nguleonardo Castro ngoka-18.

Ichiefs ibinethemba lokubuyisa izinduku kwipirates njengoba iyihlule ngo-2-1 kwisoweto Derby ye-absa Premiership ekuqaleni kwale nyanga egoli. Nakulo mdlalo ichiefs iziqhathe nabadlali bebucs ibophela umario Booysen nosiyabonga Ngezana maphakathi nenkundla emuva.

Laba badlali bebenza amaphutha awubungane abebewenza nasemdlalweni we-absa Premiership. Laba badlali bebehluleka ingcaca ukubhekana noshonga, ulorch novincent Pule okungabadlali bebucs abakhonze kakhulu ukusebenzisa isivinini nomjiko obheke phambili.

Izitobha zechiefs zishaye into ephansi njengoba ushonga evuke phansi ngaphambi kokushaya igoli okunqobe ngalo ipirates.

Kulo mdlalo ibucs iqhamuke nezinguquko ebe zi n g alindele k i le njengoba esiswini ibophele umusa Nyatama, kwathi phambili yafolosa nothabiso Kutumela.

Kulezi zindawo kuvamise ukudlala uben Motshwari no-augustin Mulenga ngokulandelana. Unyatama noXola Mlambo bebebhekene kanzima namandla kawillard Katsande noGeorge Maluleka abebeboshelwe yichiefs esiswini.

Ukungabhodloki kwezisu zawo womabili la makilabhu, kuholele ekutheni amabhola amaningi awatshale ezinhlangothini, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. Yize ibucs inqobile kulo mdlalo, kodwa kumele ibonge inconcoze kujackson Mabokgwane ovimbe ibhola elinzima lezimpofana umdlalo ususemseni kanondweba.

La makilabhu aqale umdlalo ngabadlali abahlaselayo okwenze kwacaca ukuthi womabili akufuna ngenkani ukudlulela kowamanqamu ozokuba mhla ka-8 kuzibandlela (December) enelson Mandela Bay Stadium, ebhayi.

Ibucs izodudulana nozonqoba kwisemi final yesibili ezokuba namuhla ngesonto phakathi kwebaroka FC nebidvest Wits epolokwane.

Ichiefs nepirates kubukeka besizwile isililo sabalandeli sokungahlohlwa kwamagoli nxa bebhekene. Nasemdlalweni wesoweto Derby yeAbsa Premiership, la makilabhu abephuthumana okwenze kwangena amagoli amathathu ngesiwombe sokuqala.

Okuqaphelekile kulo mdlalo wukuthi ezokuphepha beziqiniswe kakhulu ngaphandle nangaphakathi enkundleni.

Amaphoyisa ESAPS nonogada abazimele bebekulungele ukubhekana nabantu abaziphatha budlabha.

Kulo mdlalo ulebogang Manyama ongumgadli wechiefs ugijime okokuqala ngqa kwisoweto Derby kwazise kweyeligi wayelimele emuva kokuvelelwa yingozi yemoto.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UTHEMBINKOSI Lorch we-orlando Pirates emakwa ngugodfrey Walusimbi wekaizer Chiefs kowe-semi final yetelkom Knockout onqotshwe yibucs ngo-2-1 izolo ngomgqibelo ntambama emoses Mabhida Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.