UCHICHI AKAMUSHA KWI-TV

Ilanga langeSonto - - Izindaba - SANDILE MAKHOBA

USENEMINYAKA ekumabonakude uchichi Letswalo, ongowokuzalwa e-alexandra, egoli, njengoba waqala ukubonakala ngo-2003 lapho ayethula khona uhlelo lwemishado KU-SABC3 olwalubizwa ngethe Wedding Show, ayelwethula ngokubambisana no-ed Jordan.

Wenza izifundo zakhe zokulingisa e-akademie vir Dramakuns okwamthatha iminyaka emibili.

Ngenxa yethalente lakhe eliyisimanga, wathathwa ngabakhiqizi bomdlalo owawusakazwa kwa- e.tv, ibackstage, wayolingisa kuwo ngaphambi kokuba athole umsebenzi kwigenerations eyayishisa izikhotha ngo2007, isakazwa KWISABC1.

Wasuka kwigenerations wayodlala kwi-tshisa.

Ngawo u-2007 walifulathela elakuleli wayoqhuba izifundo esikoleni sezobuciko enew York, E-USA.

Selokhu wabuya lapho ubelingisa kwisithembiso, okuwumdlalo oneminyaka emibili ukhona. [email protected]

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.