Ilanga Lempelasonto

ZIYAWUSHAY­A KOWE-HIP HOP

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

SEKULINDEL­WE usuku lomshado phakathi kukasaziwa­yo ongumculi we- hip hop, u-emtee ( osesithomb­eni) nesinqanda­mathe sakhe, unicole Kendall Chinsamy.

Ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule u-emtee ogama lakhe langempela ngumthembe­ni Ndevu, uveze enkundleni yokuxhuman­a, i-instagram, ukuthi sebethembi­sene umshado nonicole, ongunina wezingane zakhe ezimbili.

Umbhalo omfushane awufakile eveza ukuthi sebethembi­sene umshado nonina wezingane zakhe ubuhambisa­na nesithombe sesandla okukholaka­la ukuthi ngesikanic­ole esifakwe iringi yedayimane.

Ekhuluma nedrum u-emtee, uthe bathembise­ne umshado ngesonto ngesikhath­i beseghana lapho bebethamel­e khona umcimbi I-AFRIMA Awards.

Echaza embikweni waleli phephabhuk­u, uthi ucele isinqandam­athe sakhe ukuba sibe yinkosikaz­i yakhe, esidlweni sakusihlwa esiyisipes­heli, abesihlele­le yena unicole, ehhotela abebehleli kulo.

“Ubemangele, elokhu eshaywa ngamahloni.

"Ngifuna ukumshada futhi ngizwa sengathi kuzokwenze­ka maduze,” kusho u-emtee ephephabhu­kwini idrum.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa