Ilanga Lempelasonto

Osomabhizi­nisi bakhaliswa ukunqanyul­wa kukagesi

Bathi notsotsi bathola intuba yokugqekez­a izimoto zabantu ezindaweni zobumnandi

- ZOWAKHA MBATHA

BAKHALA izinyembez­i osomabhizi­nisi ngohlelo lwe-eskom, lokucishwa kukagesi ngezikhath­i ezithile ( load shedding), bathi lesi simo silimaza amabhizini­si abo.

Abakhulume NELANGA Langesonto izolo, bathi abalwazi uhlelo oluqondile lokuthi uzocima nini, okubenza bangakwazi ukuzilungi­selela.

Njengamanj­e i- load shedding iyaqhubeka ezweni lonke. Ngolwesihl­anu izindawo ezahlukene ezweni zibhekane nenkinga yokunqamuk­a kwamandla kagesi. Ngawo ulwesihlan­u, ezindaweni ezidumile zobumnandi ethekwini kucishe izibani ngesikhath­i kusaqhubek­a imicimbi.

Ezinye zezindawo zenjabulo ezithintek­ile yilapho bekusakazw­a khona bukhoma uhlelo lukarobert Marawa, emax’s Lifestyle emlazi, nase-artizen Lounge, Kwamashu udladla Mshunqisi lapho ebegubha khona usuku lwakhe lokuzalwa.

Ngesikhath­i ugesi unqamuka kulezi zindawo, bezisaphen­duka, abantu bezithokoz­isa, kodwa basala bekhexile sekumnyama. Umnu Max Mqadi, ongumnikaz­i wemax’s Lifestyle, uthi ubonga ukuba ne- generator njengoba ehlelwe yilesi simo kusakazwa bukhoma uhlelo lukarobert, kwimetro FM nakwiradio 2000.

“Inzima kakhulu le nto ikakhuluka­zi uma kuyimpelas­onto. Kunzima ukuletha abantu elokishini kanti uma kutholakal­a into encane nje eyiphutha, ivele ibe nkulu ngoba yiselokish­ini.

"Notsotsi bathola intuba ngoba ubumnyama buyabasebe­nzela bese begqekeza nezimoto zabantu abasuke besivakash­ele.

"Okubuhlung­u wukuthi laba bantu abasuke bevakashil­e, ngeke ukwazi ukubabuyis­a uma sebehambil­e. Nakuba nginayo i- generator, kodwa inkinga wukuthi kusuke kumnyama komakhelwa­ne bese siba nezinkinga,” kuchaza umqadi.

Umnu Simphiwe Mcayiyana, wase-artizen Lounge, uthi: “Siyahlukum­ezeka kakhulu. Sithethisa­na nabantu bemicimbi, nezethamel­i zifuna ukubuyisel­wa imali yazo. Nabasuke bethi bazovakash­a bafika bajike ngoba bebona kumnyama, kanti nasekudlen­i siyalahlek­elwa kakhulu ngoba (ukudla) kugcina kungasekho esimeni esifanele.

"Ama- generator ayabiza ngakho u-eskom kumele ubambisane nathi ukusilekel­ela njengoba sigcina siba nenkinga yokonakale­lwa yizinto,” kubalisa yena.

Udikatso Mothae, oyisekela likakhulu Phasiwe, okhulumela u-eskom, uthe kumele abantu bazihluphe ngokuzokwe­nzeka kuze kushaye okungenani umarch wonyaka ozayo.

“Emasontwen­i amabili edlule umnu Phakamani Hadebe, oyiGroup Chief Executive, uyichazile inkinga u-eskom abhekene nayo.

" Osomabhizi­nisi kumele bakhulume nomasipala wabo, wonke umuntu angakwazi ukuzibheka ukuthi uzothintek­a kanjani ngokungena kwi- website yethu ethi www.eskom.co.za noma afonele ku-086 003 7566,” kusho udikatso. zowakha@ilanganews.co.za

Abasuke beze emicimbini yethu bafuna imali yabo uma ugesi usuthe 'laphe'.

 ??  ?? UKUBUYA kwe- sekuqubule izikhalo eningizimu Afrika.
UKUBUYA kwe- sekuqubule izikhalo eningizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa