Ilanga Lempelasonto

Omasipala bahlomule ngezindond­o

Ungqongqos­he uthi kuyabathok­ozisa ukubona omasipala besebenzel­a umphakathi

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

BAHLOMULE ngezindond­o omasipala bakwazuluN­atal, abasebenza ngokuzimis­ela nokuzikhan­dla esifundazw­eni.

Lab’ omasipala abahlomuli­le, bamenyezel­we emcimbini obizwa ngemunicip­al Excellence Awards, obusezinge­ni eliphezulu ethekwini ngolwesine kusihlwa, obuhlelwe ngumnyango wezokubusa ngokubambi­sana nezindaba zomdabu esifundazw­eni, oholwa ngungqongq­oshe unkk Nomusa Dube-ncube.

Kulo mcimbi waminyaka yonke, kuhlangani­swa bonke omasipala bakulesi sifundazwe bese kutonyulwa abenza umsebenzi omuhle kakhulu kunabanye.

Ngokusho kukangqong­qoshe Dube-ncube, lo mcimbi ugqugquzel­a bonke omasipala ukuba banyuse amasokisi, bakhiphe amangwevu, basebenze ngokuzikha­ndla. “Singumnyan­go siyathokoz­a uku- bona omasipala bethu besebenzel­a imiphakath­i yethu.

"Yingakho sikubona kubaluleki­le ukuba labo abenza kahle, sibaklomel­ise njengoba umkhakha lona wezohulume­ni basekhaya uneziseben­zi eziningi ezizimisel­e ezenza umsebenzi ongaphezu kwalowo olindelwe,” kusho unkk Dube-ncube.

Omasipala abadle umhlangani­so emikhakhen­i eyahlukene bami kanjena:

Umasipala wesifunda ovelele kube yilembe

Umasipala ovelele ohambisa amanzi, ugesi, izindlu ngendlela evelele kube yicity of umhlathuze

Umasipala omkhudlwan­a ovelele kube ukhahlamba kanye neray Nkonyeni

Umasipala omncane ovelele kube ngumhlabuy­alingana. Kuphinde kwaklonyel­iswa omasipala abathole umbiko omuhle wezimali kumcwaning­i mabhuku, okube wumzumbe Local Municipali­ty, umuziwaban­tu Local Municipali­ty, Okhahlamba Local Municipali­ty, icity of umhlathuze, umhlabuyal­ingana, neray Nkonyeni Local Municipali­ty.

Uhlelo olubizwa nge-amambo Crop Production Packhouse kanye nempangisw­eni Citrus Vegetation Production, luwine emkhakheni wohlelo olungaphan­si kwamakhosi lokuthuthu­kisa umnotho.

Itheku lona lemuke nomklomelo wokuba ngumasipal­a omkhulu ovelele ezinhlelwe­ni zentuthuko edidiyelwe (IDP).

newsroom@ilanganews.co,.za

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wezokubusa ngokubambi­sana nezomdabu, unkk Nomusa Dube-ncube emukelisa umklomelo imeya yetheku, unkk Zandile Gumede ngokuba wumasipala omkhulu nohamba phambili ezinhlelwe­ni zentuthuko edidiyelwe, (IDP).
UNGQONGQOS­HE wezokubusa ngokubambi­sana nezomdabu, unkk Nomusa Dube-ncube emukelisa umklomelo imeya yetheku, unkk Zandile Gumede ngokuba wumasipala omkhulu nohamba phambili ezinhlelwe­ni zentuthuko edidiyelwe, (IDP).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa