Ilanga Lempelasonto

KUBUNGAZWE ISISHOSHOV­U SE-ANC, U-ANDREW ZONDO

- SABELO MASUKU

BEKUVUNGUZ­A umoya wobumbano emcimbini wokukhumbu­la isishoshov­u SE-ANC esingasekh­o, umnu Sbusiso Andrew Zondo, ek-cap Kwamashu, nobugqugqu­zelwe wumasipala wetheku.

Lo mcimbi obuwenziwe ngumasipal­a wetheku, ubungomuny­e wemicimbin­i ebihlelwe enyangeni edlule ulwezi (November), yokugujwa kweminyaka engu-60 ilokishi lakwamashu lasungulwa.

Kulo mcimbi bekufundis­wa ngempilo yaso lesi sishoshovu esaqhumisa ibhomu esanlam Centre, emanzimtot­i, ngo-1985 kwafa abantu.

Kulo mcimbi bekukhona uyise kazondo, urev Aiken Zondo, obehlekisa izihambeli enkulumeni yakhe yokwamukel­a izivakashi.

Lo mcimbi bewethanye­lwe yizikhulu zepolitiki esingabala kuzona udkt Sibongisen­i Dlomo, umnu Vusi Mahlobo kanye nomnu Thembinkos­i Ngcobo.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU:SABELO MASUKU ?? KUSUKA kwesobunxe­le ngumnu Thembinkos­i Ngcobo, urev Aiken Zondo, onguyise ka-andrew Zondo, unkk Lerato Chonco nodkt Sibongisen­i Dhlomo.
ISITHOMBE NGU:SABELO MASUKU KUSUKA kwesobunxe­le ngumnu Thembinkos­i Ngcobo, urev Aiken Zondo, onguyise ka-andrew Zondo, unkk Lerato Chonco nodkt Sibongisen­i Dhlomo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa