Ilanga Lempelasonto

U-TBO TOUCH USENGENISA KWEZAMAFIL­IMU

- LUCKY CAIN

ISILOMO esingumsak­azi utbo Touch esiphinde sibe ngumnikazi wesiteshi itouch HD sithembisa lukhulu ngefilimu yaso ezokhonjis­wa emabhayisi­kobho ngonyaka ozayo. Utouch ogamalakhe langempela nguthabo Molefe umatasa kulezi zinsuku uqopha ifilimu yakhe esihloko sithi “Blessers”.

Ekhuluma NELANGA Langesonto, utouch udalule ukuthi le filimu izoba ngeyamahla­ya kanti izophinde ibe yisifundo ngempilo yalabo ababizwa ngama- blesser namantomba­zane asebizwa ngama- slay queen. Uthi ngaphandle kokuba wumbhali nomqondisi wale filimu uzophinde abe ngomunye wabalingis­i abaphambil­i kuyona.

“Ngizobe ngiqala ukulingisa kule filimu kanti abantu bazobhema bakholwe,” kusho utouch.

Uveze ukuthi itouch HD ingena kwelinye igiya manje njengoba ngaphandle kokuba yisiteshi somsakazo isiphinde ikhiqize namafilimu.

“Itouch HD isinesigab­a sokuqopha amafilimu njengoba sizothi siqeda ukuqopha le filimu sibe sesiqala ukuqopha eyesibili iblessers 2,” kuqhuba yena.

Utouch uthi kule filimu kuzobonaka­la abalingisi asebemnkan­tsh'ubomvu, phakathi kwabo okukhona nokenneth Nkosi nabanye. Utouch uphinde wadalula ukuthi umkhankaso wakhe wokwehlisa intengo ye- data usazoqhube­ka.

“Ngeke siyeke ukulwa nalokhu kuze kube abantu baseningiz­imu Afrika bayithola ngentengo ephansi i- data,” kusho lo msakazi onamanye amabhizini­si.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa