Ilanga Lempelasonto

Uyathanda ukuphekela abantu abadala

- SIZIPHOLEL­E SANDILE MAKHOBA

MVAMISA abantu abasha abaphumele­le empilweni bayazithan­da izinto eziwubukha­zikhazi ikakhuluka­zi izimoto zakwanokus­ho kodwa udladla Mshunqisi uthi akanandaba nalokho yena. Lo mculi ogama lakhe ngu-anele Dladla, oshisa izikhotha kulezi zinsuku, owazakhela udumo ngonyaka owedlule ngezingoma ezahlukene okubalwa kuzona esihloko sithi “Memeza” kanye nesihloko sithi “Omunye” eyahlukani­sa unyaka emisakazwe­ni eyahlukene yaphinda yaba yingoma yonyaka kumaSAMA, uthi imoto iyinto yokugcina ayicabanga­yo empilweni yakhe.

Uthi uyazi ukuthi isikhathi sakhe sokuhanjel­wa kahle yizinto sizodlula, ngakho ukholelwa ekubeni uma ethola imali enze izinto ezisemqoka ezizoqhube­ka zimngenise­le imali. “Sekukaning­i abaphathi bami benginceng­a ukuba ngithole imoto enesithunz­i kodwa ngithi sengihleli­le ukuthi ngizoyithe­nga kuvele kufike umcabango wokuthi angenze into ezokwazi ukungiphil­isa noma ngingasekh­o emculweni,” kusho yena.

Udladla uthi ukuba kuya ngaye ngabe bonke abaculi bayafundis­eka ngokuthi izikhathi ziyafika zedlule - okungukuth­i namhlanje izinto zikuhambel­a kahle kodwa kusasa kujike ukwenza. “Uyabona nje manje njengoba abantu bengezwa lutho ngodladla mhlawumbe ngonyaka ozayo bazobe sebezwa omunye umuntu. Lokho-ke akumele kungenze ngibe nenhliziyo ebuhlungu. Kumele ngimbongel­e futhi ngimeseke lowo muntu osuke esethandwa ngaleso sikhathi,” kusho yena. Ukhuluma kanjena nje ungomunye wabaculi ababhekiwe ukuthi bangase basifake kunyaka ka-2019 ngengoma yakhe esihloko sithi "Amalukuluk­u" ekwialbham­u yakhe esihloko sithi Umshunqo. Uthi indlela edayisa ngayo le albhamu iyammangaz­a njengoba ithengiswa okwamagwin­ya ashisayo nje.

“Yicwecwe lami lokuqala leli kodwa indlela elithengwa ngayo iyangijabu­lisa kakhulu,” esho.

UNAMATEKIS­I ATHUTHA UMPHAKATHI

Kule albhamu usebenze nodj Tira, umadanon, uprofessor, idistructi­on Boyz, utipcee nabanye. Udladla phambilini kwake kwavela ukuthi uzalwa yinjinga engusomate­kisi odume ngozeze elokishini Kwamashu.

Naye udladla Mshunqisi uthi ulandela ezinyathel­weni zikayise njengoba esenawakhe amatekisi athutha umphakathi. Akathandan­ga nokho ukuphumela obala ngokuthi mangaki lawo matekisi. Ukuba nalawa matekisi uthi uyazi ukuthi kuzomsiza eminyakeni eminingi ezayo.

Ngaphandle komculo, amatekisi, nenkampani yokupheka, udladla ubuye asebenzisa­ne nenhlangan­o yabantu abadala ebizwa ngokuthi Isibongile Senior Citizens, Kwamashu.

Ngolwesith­athu ubenze isiphihli sedili lomcimbi wakhe wokuzalwa walugubha nabantu abadala, ebaphekele wabapha nezipho. Uthi ukuphekela abantu abadala wakuqala engakadumi.

“Isikhathi esiningi ngisichith­a nabo abantu abadala ngoba uma nginabo ngiyabusis­eka,” kusho yena. Nakuba abantu abaningi ikakhuluka­zi kwezikaqed­isizungu bemazi ngokuthi ungudladla Mshunqisi kodwa ngakubo ubizwa ngoneh.

AKAZITHWEL­E UDLADLA

Uma umbona ngakubo ngezinsuku ezejwayele­kile ngeke umnake ukuthi nguye ngempela ngoba uziphilela impilo ejwayeleki­le. Uke umthole egadula ngezinyawo ezitaladin­i zakwamashu.

Uyabonakal­a ukuthi akazithwel­e futhi akakufakil­e ekhanda ukuthi udumile, ungusaziwa­yo. NgoLwesihl­anu ubenze omunye umcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa, nokwethulw­a kwecwecwe lakhe elisha.

Kulo mcimbi bekuboshel­we amaciko amaningi asebenzisa­na nawo okubalwa kuwona utipcee, Distructio­n Boyz, DJ Tira nabanye. Ngawo ulwesihlan­u emini wethule i- video yengoma yakhe esihloko sithi “Cothoza”.

Kuneqembu labadansi abancane elingaphan­si kwakhe elizibiza ngomshunqo Team, elibophele ududu

Kubheka, unomfundo

Sikhosana nosma Maphumulo.

“Lezi yizona zingane zami engichitha isikhathi esiningi nazo njengoba zingidanse­la nje,” kusho yena.

 ??  ?? UYAKWAZI ukudansa ngeke umthinte uma sekudlala ingoma.
UYAKWAZI ukudansa ngeke umthinte uma sekudlala ingoma.
 ??  ?? LAPHA omama bebejabule­la izipho abazinikwe ngudladla.
LAPHA omama bebejabule­la izipho abazinikwe ngudladla.
 ??  ?? LAPHA uthathwe nomphathi wakhe, UDJ Tira.
LAPHA uthathwe nomphathi wakhe, UDJ Tira.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa