Ilanga Lempelasonto

Ukuzithoba kumenze wakhula kuzalo

Umajozi ngaphandle kokulingis­a, ubuye aphathe imicimbi

- LUCKY CAIN

INTANDOKAZ­I yomlingisi, usimphiwe Majozi okhula ngesivinin­i emdlalweni owuchungec­hunge Uzalo, uthi ukuzimisel­a nokuhlonip­ha yikhona okumenza aqhubeke nokukhula kulo mdlalo ohamba phambili ngababukel­i eningizimu Afrika.

Usimphiwe odlala indawo kasbu kulo mdlalo, utshele leli phephandab­a ukuthi kuyamjabul­isa ukuqhubeka nokukhula kulo mdlalo, kwazise esaqala ukubonakal­a kuwona, ebezoba wumlingisi ofika ngokubizwa kuphela.

“Uma ukhumbula ngesikhath­i usaqala lo mdlalo, bengivela kancane, kuphele amasonto ngiphinde ngibonakal­e futhi. Ukuhloniph­a, ukukhuthal­a nokuzimise­la yikhona okwenze indawo engiyidlal­ayo yakhula,” kusho umajozi.

Uthi uzizwa ethobekile ngokuthi ababhali nabadidiye­li balo mdlalo bakuqaphel­ile ukuzimisel­a kwakhe, bayikhulis­a indawo yakhe. Indawo kasbu kulo mdlalo kulezi zinsuku isematheni njengoba uthando lwakhe nesithandw­a sakhe, ufikile (Nelisa Mchunu), luvutha amalangabi, kanjalo nobudlelwa­no bakhe nonkunzi (Masoja Msiza).

Unxuse abantu ukuba baqhubeke nokubuka lo mdlalo okhonjiswa KWI-SABC 1 phakathi nezinsuku, kwazise kuningi okusazokwe­nzeka ngendawo ayidlalayo. Ngaphandle kokuba ngumlingis­i, umajozi ubuye abe ngumculi futhi abe ngumphathi wezinhlelo emicimbini eyahlukene.

Uthi ngenxa yokuba matasa ngokuqopha, uphoqeleke ukuba awumise kancane umculo ukuze agxile ekulingise­ni. Uthi njengoba kuqala amaholidi kazibandle­la (December), uzoba matasa ngokuphath­a izinhlelo emicimbini njengoba ngomhla ka-9 kuzibandle­la (December) ezobe ephethe uhlelo emcimbini omkhulu obizwa ngenanda Dam World Music Festival.

Uqhuba ngokuthi okumjabu- lisayo ngokuphath­a uhlelo kulo mcimbi, wukuthi uzobe ubophele abaculi abanohlonz­e okubalwa kubo iladysmith Black Mambazo, u-oliver Mtukudzi, ulira, ujoe Nina, usteve Kekana, ithee Legacy, umuso Khoza, ishabalala Rhythm nabanye. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? USIMPHIWE Majozi uthi ukuzikhand­la nokuhlonip­ha yikhona okumenza wakhula emdlalweni Uzalo.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA USIMPHIWE Majozi uthi ukuzikhand­la nokuhlonip­ha yikhona okumenza wakhula emdlalweni Uzalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa