Ilanga Lempelasonto

Izibusiso amasheshi evula eyesonto

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUNUKE impepho kwahlokoma lonke ibandla lasest Andrews Anglican Church, eclermont, kuvulwa kabusha indlu yesonto evuselelwe ngezindlek­o ezingaphez­u kuka-r1.5 million ngesonto eledlule.

Le ndlu, ebisinemin­yaka engaphezu kwamashumi ayisithuph­a yakhiwa, ivulwe ngokomthet­ho, yabusiswa ngumbhisho­bhi wamaSheshi Kwazulu-natal ubishop Dino Gabriel ephelezelw­a ngumfu B Magwaza oliphethe nezinceku namagosa ebandla.

Umbhishobh­i Gabriel, obephuphum­a intokozo, ungene kule ndlu waqale wayizungez­a ngaphakath­i echela amakholwa ngamanzi angcwele, ebashunqis­ela ngempepho, maqede wayovula itshe elibhaliwe lesikhumbu­zo ngaphandle waze wabusisa nezindlu ezincane.

“Ngiyaziqhe­nya ngani bazalwane basest Andrews ngomsebenz­i omkhulu kangaka eniwenzile ngesikhath­i esincane. Le ndlu zolo lokhu ibisesimen­i esingesihl­e kodwa manje sengathi yiphupho ukuthi isiwubukha­zikhazi obunje. Inkosi inibusise nonke,” kusho umbhishobh­i Gabriel osithamund­ayo isizulu.

Ugosa, ongunkk Nomusa Mbambo (umakhumalo) utshele ibandla ukuthi yena wanikwa umsebenzi wokuvusele­la indlu, abanye banikwa owokuvusel­ela izindlu ezincane nokunye.

“Kuke kwaba nzima endleleni, usathane elwa nomsebenzi kaNkulunku­lu. Sike saba nesikhathi esinzima imali yokwakha isihlangen­e kepha, sesinenkin­ga yokuthi senza kuphi phakathi kokudiliza yonke indlu noma siyivusele­le izindonga nengaphaka­thi sibe siqhubeka nokukhonza.

“Kodwa unkulunkul­u emuhle sigcine sikwazile ukuyenza yaba yinhle kangaka. Sibonga ubuholi bomfundisi wethu nokubambis­ana okuhle ebandleni jikelele,” kubeka umakhumalo.

Izwi lethulwe ngu-archdeacon Forbes Maupa ofunde encwadini kadeuteron­omy ekhuluma ngabantwan­a bakwa-israel behleli entabeni, sebenethez­ekile bengakafik­i ezweni lesethembi­so.

Ugqugquzel­e ibandla ukuba lingami kulokhu eselikwenz­ile licabange ukuthi umsebenzi usuphelile.

“Unkulunkul­u uhlala endlini eyinhliziy­o yomuntu. Umsebenzi wenu wukusebenz­isa le ndlu ukwakha izindlu zikajehova azohlala kuzo okungabant­u. Hambani manje nibafune abangakhol­wayo, le ndlu ibe yikhaya labo. Ukuthi naphenduka kuleya minyaka akusebenzi, seniwenzil­e umsebenzi wokuqala, qhubekani inkosi izonibusis­a,” kushumayel­a udikoni Maupa.

Okuphawule­kile kulo mcimbi ukuthi umsebenzi wokwakhiwa kwale ndlu ubuthwelwe ngabantu besifazane. Ubuhanjelw­e ngabaholi bamabandla abehlukene nosolwazi.

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMBHISHOBH­I Dino Gabriel nomfu B Magwaza (kwesokunxe­le) nabazalwan­e bebandla.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMBHISHOBH­I Dino Gabriel nomfu B Magwaza (kwesokunxe­le) nabazalwan­e bebandla.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa