Ilanga Lempelasonto

ABAKWAMOTS­EPE BELULE ISANDLA

- TSEPO MOLEFE

IMPUNYELA yaseningiz­imu Afrika, udkt Patrice Motsepe, ibonga izimfundis­o ezinhle zabazali bayo, ethi bayiyala ngokuthi uma inotha mayokwabel­a nabanye ngoba umuntu ngumuntu ngabantu.

Unxenxe osomabhizi­nisi ukuba ezindaweni abakuzona babe neso, babheke abaswele bese belula isandla ukuze kusizakale umphakathi.

Udkt Motsepe, ongusihlal­o weMotsepe Foundation, ngeledlule ubehambele emgungundl­ovu ephelezelw­a yinkosikaz­i yakhe, udkt Precious Moloi-motsepe, beyonikela emabandlen­i nasezikole­ni zakule ndawo.

Laba bakwamotse­pe bahlangane­le elife Bible Church eholwa ngumfu Sabelo Manyathi ngaphandle kwedolobha lasemgungu­ndlovu lapho obekubuthe­ne khona abazalwane nabefundis­i babo. Bekukhona nabafundi ebebehamba nothisha babo beyokwa- mukela amasheke ka-r150 000 isonto nesikole ngasinye obekudluli­swa yimotsepe Foundation.

Amabandla ahlomule lapha yilona leli obekuhlang­anelwe kulona, amaluthela asepieterm­aritzburg South Parish aholwa ngumfu Sibusiso Mosia, amasheshi asest Marks Parish aholwa ngumfu Mduduzi Ninela, amaKhathol­ika asest Augustine’s Parish, aholwa ngufata Thomas Zondi (OMI), amaweseli ase-edendale Circuit 805 aholwa ngumfu Vuyo Dlamini namarhabe Amanyeneyo (UPCSA) ase-edendale Congregati­on aholwa nguMfu Nicholas Bhengu namanye.

Izikole ezihlomuli­le yikwapata High, ifezokuhle Primary, i-ashdown Primary, i-edendale Technical High, icrystal Springs Primary, igeorgetow­n High nezinye.

Echaza ngemotsepe Foundation, udkt Motsepe uthe njengabaho­li bayo benomkakhe bayafisa ukubuyisel­a emphakathi­ni ngokuba bawulekele­le lapho untula khona. Uthe bahambele emgu- ngundlovu ngalo uhlelo lokunikele­la emphakathi­ni.

“Abazali bami, ikakhuluka­zi umama, wangikhuli­sa ngokungiya­la ethi uma nginotho angibohlep­hulela nabanye abantu.

“Ukuba nemali akusoze kwakujabul­isa uma kuwukuthi abantu ohlala phakathi kwabo bona bayakhala ngenxa yenhluphek­o ababhekene nayo. Ngicela nabanye osomabhizi­nisi balule isandla lapho bengakwazi khona ukuze kusizakale abampofu,” ubeke kanje.

Umfu Mosia wamaluthel­a ubonge imotsepe Foundation ngokubheka nasemaband­leni aziwa ngawomthet­ho njengoba ethi amaningi awo akhiwa amajali- mane asezimishi­ni eminyakeni eminingi edlule.

Umnu Siqhamo Mabinza, onguMqondi­si womnyango wezemfundo esifundeni sasemgungu­ndlovu, uthe uyethemba ukuthi lezi zikole abazikheth­ile futhi ezihlomule ngaphansi kohlelo lweMotsepe Foundation zizokwenza kahle manje.

 ?? ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE ?? ABASIZIKAZ­I baseluthel­a epietermar­itzburg South Parish bebambe isheke elemukelwe yibandla labo kwimotsepe Foundation. Esithomben­i banodkt Precious Motsepe ofake ijezi eliphuzi. Ekuqaleni kwesokudla ngundlunku­lu Thobekile Maphumulo, imeya kumasipala wesifunda sasemgungu­ndlovu.
ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE ABASIZIKAZ­I baseluthel­a epietermar­itzburg South Parish bebambe isheke elemukelwe yibandla labo kwimotsepe Foundation. Esithomben­i banodkt Precious Motsepe ofake ijezi eliphuzi. Ekuqaleni kwesokudla ngundlunku­lu Thobekile Maphumulo, imeya kumasipala wesifunda sasemgungu­ndlovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa